Ukuhlelemba Umhlabathi Ngokuwuhlakulela

© Francois Viljoen Wineland
Here weeds are removed and soil leveled with a simple mulch finisher dragged behind a tractor.
Ukuhlelemba umhlabathi kuyindlela okuhlakulelwa ngayo umhlabathi kwisivini lokhu kuvamise ukumataniswa nokuthambisa bese kuphendulwe umhabathi. Kumele kuqinisekiswe ukuthi indawo ezungeze imisuka yezimphande ihlanzekile kususwe nalolonke ukhula. Emva kokuhlelemba, umanyolo nomquba sekungafakwa emhlabathini.
Yizeke, ngokuhamba kweminyaka abanigi bese besukile ekuwuhlelembeni umhlabathi. Ukulawula umhlabathi kumele kuhlelelwe kahle ukuze kuvikelwe ukudibizeka kwesimo esesakhiwe somhlabathi. lokhu okulandelayo kungezinye zezizathu zokuhlelemba umhlabathi emva kokusungula isivini.
Ukususwa kokhula yingakho kuncintiswana ngokususwa kokhula: ukhula lusebenzisa amanzi nemisoco okumele itholwe isivini. Izimpande zolunye ukhula zivamise ukukhula zibe cishe ngo 14 kuya ku 40 cm ukujula, lokhu kungukujula obekuzofana nalokho kwezimpande zesivini.

Ukuhlelemba uthambise umhlabathi obusuthanda ukuqina ngenxa yokutshalwa kuwo: ukuhamba kukagandaganda kungawuqinisa umhlabathi bese kuminyanisa ukukhula kwezimphande. Ukuhlelelmba ngokuhlakula umhlabathi kuyawochoboza umhlabathi ukuze kungene kahle umoya.
Kwamanzi angaphansi: amanzi awaphakami kalula uma iphezulu lingahlakulelwe ngakho ukuhlelemba ngokuhlakulela kunyusa amazing okuthi amanzi akwazi ukungena ngesikhathi kuniselwa noma kunetha izulu.

Ukuhlelemba ngokuhlakulela kulungiselela umbhede wembewu ukuthi kutshaleke kuwo isilimo sokwemboza.
Ukuhlelemba umhlabathi ngokuwuhlakula kuvumela umoya ukuthi ungene kahle kumhlabathi: ukhula, isilimo sokwemboza, umquba, isikhuthazi kuyafakwa ukuze kunikeze umsoco izitshalo. Lokhu kuyaqhubeka kuvunde kuze kwakhe umquba ovunde kakhulu (humus).

Yandisa izinga lokungena komoya kwisivini: ukhula olude noluminyene kuvimba umoya ukuthi ungene uphume kahle kwisivini. Lokhu kungabangela ukuthi amaqabunga esivini ahlale emanzi eside isikhathi bese kwakhekela izifo ezidalwa ukubola.

Translated by Nokubonga Guliwe