uDkt. Magubane Nemibhikisho e Soweto

© Dr Peter Magubane

uJune 16th Kwimiboniso emnyama nokumhlophe

Usuku umhlaka 16 June 1976. Okuholela kulolusuku izehlo esezisabelale ezweni lonkana. Izwi selisabalale njengomlilo ongabonakali. Intsha ensundu igade imfihlo yayo ngokuqaphelelisisa. Ngisho nothisha nabazali babo abazi ngemashi ehlelwayo.

Isizwe sizokwethuka kulenseni yanamuhla yasebusika obubandayo, njengoba kuzovela izindaba zombhikisho omelene nemfundo ephansi yabantu abamnyama kanye nokufundiswa ngolimi lwesiBhunu kuphela. Iqala eSoweto, isabalale iye e Alexandra eduze nendawo eyayaziwa ngalelosikhathi nge Pitoli (manje sekuyi Tshwane) ilangabi layo liyagqamuka nakwenzinye izindawo.

Ngesikhathi izintatheli sezivinjelwe ukuba zingene ngaphakathi eSoweto, u Dkt. Peter Magubane usendaweni yesehlakalo nemishini yakhe isikulungele ukusebenza. Isosha eliphethe ikhamera. Buqamama ubona intuthu emnyama, okwakuyinkomba yalokho okwenzeka esidlangalaleni.

Uyahamba phakathi kwalendawo. U Dkt. Magubane usethwebule izithombe eziningi wadlula abanye abathwebulizithombe. Izithombe ezimbala omnyama nokumhlobo zabantwana besikole beqaqa ngejubane bebalekela izinhlamvu ezicijwe ukubabulala. Kunecmizwa eyahclukene yokwesaba kanti inkululeko icwilisa ubuso babo. Kusejikeni elinamandla kakhulu ezweni lengcindezelo, kuyobe kushicilelwe phakade isithwebuli sika Dkt. Magubane

Isankahlo Sobandlululo siyembulwa.

Konkunye okwenzekayo, ngesikhathi u Dkt. Magubane uyaqhubeka uyacoshela udaba lombhidlango, amaphoyisa aqonda kuye ayamshaya amphule umbombo wekhala. Bamtshela ukuthi akaveze ifilimu yakhe ayiphakamisele ekukhanyeni ukuze bacekele phansi izithombe. U-Peter undendaba kakhulu ngokulahlekelwa izithombe zakhe kunobuso bakhe obugcwele igazi.

Umhlaba kudingakala ubone isigameko esingephikwe, isibhicongo sobuhlanya sobandlululo sithwetshulwe ngefilimu. Ngokuhamba kwesikhathi kuwo lonyaka, ngesikhathi amaphoyisa ecija abahlali basemahostela eMzimhlophe ukuba bahlasele abantu abahlala emalokishini u-Peter wabe esebenza ubusuku bonke ecoshela udaba lwalolodlame.

Uthe edlula ngakwikhaya elise Diepkloof ebheke emahhovisini ephephandaba ubona umuzi wakhe uvutha amalangabi. Uzithola enganamandla okwenza utho njengoba ebuka zonke izindonga ziwa phansi emhlabathini.

Uyaphinda futhi uyaboshwa isinsuku ezingu 123 ngo August ka 1976 kanye nabanze osozindaba – leli elinye lamacebo ayize kahulumeni azama ngalo ukuvimba umsebenzi wakhe ukuba udalule isankahlo sobandlululo.

Izithombe ziqopha umlando.

Ngesinye isikhathi umsebenzi kaMagubane uciphiza obhozo. Uthe esethola ukwesatshiswa, usho lokhu ngomfutho, ‘Angikwamukeli ukwesatshiswa’ uyindoda enenkani, ethukuthelayo uma ingakwazi ukwenza izinto ngendlela yayo. Abantu abaningi bazithola sebethobela intando yokuphatha kwakhe ngoba vele useke wamelana nohulumeni wama Nationalist wanqoba. Akusekhoke okutheni okuzokwesabisa u-Peter Magubane.

Kubuhlungu ukubuyekeza izinto zakamuva, kodwa ukwenza ngesineke esikhulu. ‘njalonjalo emsebenzini wami bengike ngithole umuntu esebunzimeni, noma efa; kodwa abathwebuli bezithombe bebefika kuqala. Bekuba ngoba sengifikile ekhaya, ngizibuze ukuthi ngempela bengenzani”. kodwa ngakusasa ekuseni, ubebuyela emigwaqeni nekhamera esandleni. Wayephushwa ukukholwa ukuthi ‘Umhlaba uzokuphendula’