Ubutata

© Chris Daly

Kunzima kakhulu ukukhipha ubutata kunezintwala, lokhu kwenza ukuvikela kwalesisimuncagazi esingaphandle kube into ebaluleke kakhulu. Ubutata buncane kunenzintwala, kwehlukene phakathi weshumi lemililitha kuye kwimililitha ubude. Kunzima ukusheshe ububone ngaphandle uma buzulazula entweni enombala ongqamile kunabo. Izintwala zinemilenzana eyisithupha, ubutata osebubudala bunemilenzana eyisishiyagalombili kuthi okuncane babo bube nemilenze eyisithupha. Iningi lalezilwanyana ziyindingiliza kuhle okwebhola, bese zimisa okokhunyana oluncane nokuyilapho othola khona ingxenye yomlomo wayo.

Izilwanyana nezinkomba zazo

Zintathu izinhlobo okuyizo ezihlasela kakhulu izinkukhu – ubutata obubomvu (obuphinde baziwe ngokuthi ubutata bezinkukhu), ubutata i-northen fowl kanye nobotata i-scaly leg.
Ubutata obubumvu busampunga umbala noma bubensundu umbala, kodwa bugcina sebubombu lokhu okugqamile noma bube luhlaza okwesibhakabhaka emva kokuba sebuzitike ngegazi. Lelipharaithiya (isimuncgazi) liyaye licashe emifantwini maphakathi nosuku maduze nalapho kukhona ukudla kwawo besekuthi ebusuku butinyele izinkukhu. Ukuncinzelwa bokulunywa ubutata ubobomvu kwenza izinkukhu zigcine sezinywaya zize zizisiphule izimpaphe zibangele nezisafukamela ukuba zishiye umfukamelo wazo. Izinkukhu ezihlaselekile ubutata azikwazi ngisho nokulala ebusuku.
Ubutata be-Northern fowl busampunga noma bubemnyama ngebala kanti bona kusukela buzelwe buhlala enkukhwini, kakhulu ngasesidunwini. Uma sebuvumbuke kakhulu buyaye bubange ubumnyama ezimpapheni lapho bufuhluzela khona buphinde bubeke namaqanda.
Umkhuba wobutata obubomvu nobutata be-Northern fowl wokumunca igazi benza inkukhu igcine isiphelelwa ngisho nangamandla kuthi ngokuhamba kwesikhathi ibe nesifo sokushodelwa igazi elanele emzimbeni (anaemia), ugedla nesikhumba esilenga entanyeni kufufutheke. Izinkunhu zingabuye zinciphe isisindo sazo bese zivuleleka ukuthi zitholwe kalula nayezinye izifo. Izimpaphe zezinkukhu ezihlaselekile nazo zingawohloka, zizace zibe namashashazi angemahle, lokhu kuholele ekutheni izinkukhu zigcine sezizidoncula izimpaphe futhi kungaba nesikhumba esigcwele amashashazi abomvu.
Ubutata be-Scaly leg mites buthi abuhluke kobobomvu nobuyi-Northernfowl ngokuthi bona buhlasela imilenze yezinkukhu kuphela. Lobu butata boqqobhoza ngaphansi kwesikhumba semilenze nezinyawo zenkukhu besekubangela ukuvuvukala nokuhwayeka. Uma bugcina bungelashwanga izinkukhu zingagcina sezingakwazi ukuhamba bese zize zigcine ngokufa.

Imithi yokwelapha namasu okuvikela

  • Izinkukhu kumele zihlolwe njalonjalo ukuze kuhlaluswe okuyizinkinga ngaphambi kokuba ziphume esandleni. Izinkukhu nezindawo ezilala kuzo kumele zihlolwe phakathi nobusuku ukuze kubonwe ukuthi abukho yini ubutata obubomvu. Inselelo ngobutata obubomvu ukuthi buvamise ukubonakala lapho sebubheduke kakhulu.
  • Ukuqaphela kumele kwenziwe ukuqiniseka ukuthi izinkukhu ezithelelekile azithintelani neminye imihlambi. Izinkukhu ezintsha kumele zihlolwe, zilashelwe amapharasithiya (izimuncagazi) bese ziqheliswa kwizinkukhu ebesezikhona, zibekwe endaweni yazo zodwa cishe isikhathi esingamasonto amabili ukuqinisekisa ukuthi abukho ubungcuphe ezingabuthwala.
  • Ukubhuquza emhlabathini nokufukamela ngezinye zezindlela imvelo enza ngayo ukulwa nezinambuzane zamazeze, ngakho izinkukhu ezingenayo indawo yomhlabathi wokubhuquza nalezo umlomo wazo ongasaqinile noma osumdala ukugqofa zingaba zengcupheni.
  • Sebenzisa umlotha wokhuni emhlabathini wokubhuquza, uyasebenza kakhulu ukushelelisa nokuqothula amapharasithiya uphinde uhlanze isidumbu sekukhu kumafutha angadingeki nazozonke izinsalela amanye amapharasithiya adla kuzo. Umlotha wokhuni ungahlanganiswa nesihlabathi noma i peat moss bese ubekwa ethinini elidala noma kubhavu weplasitikini okuzokwenza kubelula ukuwuqoqa.
  • Izindawo ezinomswakamo zandisa inkinga yobutata be-scaly leg
  • Izinkukhu ezinemilenze enezimpaphe zisengcupheni yokungenwa ubutata be-scaly leg
  • Sebenzisa umkhiqizo obhaliswe ngokugcwele ukuthi ungowekwelapha lezizimuncagazi futhi uwusebenzise ngokufanele. Imanuwali yoMnyango wezeMvelo KwaZulu Natali ngokugcinwa kwezinkukhu incoma ukusetshenziswa kuka Karbadust ukulwa nobutata obubomvu. Abakhiqizi bayaye bakhuthazwe ukuthi bafake inkukhu enezintwala kwiphakethe noma isikhwanyana ikhanda bese livele ngaphandle. uKabadust kumele uthelwe esikhwameni beseke sishukunyiswa kahle ngesineke kubhuquziswe inkukhu yonke. Kumele usetshenziswe kuphela ezinkukhwini ayi kumakheji nasezindlini.
  • Izindlu zezinkukhu namakheji kumele zihlanzwe njalonjalo, uma kungenzeka, zifafazwe ngesibulala magciwane
  • Ubutata obubomvu bunzima ukubulawula njengoba bukwazi ukuphila izinyanga bungamunci lapho buqhwakele khona. Ngakho ukusebenzisa imithi yokwelapha kuphela akusizi ngokutheni. Indlela efanele yokuqeda lenkinga ukubulala zonke izinkukhu nokuhlanza wonke amahhoko ngekhemikhali ebhaliswe ngokusemthethweni. ukusebenzisa ikhemikhali kumele kuphindwe emva kwezinsuku ezimbalwa noma amasonto nakhona kumele kulandelwe yonke imiyalelo ebekiwe yokusebenzisa ukuze kuqinisekiswa ukuthi bonke ubutata buphelile. Kwezinye izikhathi abakhiqizi bayaye baze bashise zonke izidleke nempahla ethelelekile ekuleyondawo.
  • Izinkukhu ezinobutata be-Scaly leg kumele zihlukaniswe zibe zodwa bese zilashwa ukuze kuvikelwe ubutata ukuthi bungasabalali buye kwezinye izinkukhu. Uma kusaqala ukukayeka bungelashwa ngokusebenzisa amafutha e-bland, anjengo liquid paraffin. Lapho sekunzima kakhulu sekugqobhoka izilonda kumele izinyawo zezinkukhu zicwiliswe emanzini afudumele ukuze kuzothanjiswa ukukayeka ngemuva kwalokho kumele zomiswe bese zigcotshwa ngengxube yamafutha esilungisiwe njengowoyela weminqumo noma i-vegetable oyela lokhu kumele kwenziwe ngaphambi kokuba zigcotshiswe ngomkhiqizo obhalisiwe ngokusemthethweni, ukugcobisa kufanele kulokhu kuphindiwe njalonjalo phakathi nesonto buze bufe bonke ubutata. Abanye abakhiqizi baye babika bencoma ukusebenzisa uVaselina ukubulala lobu butata.
  • Qinisekisa ukuthi awulixebuli ikhekheba elisemlenzeni wenkukhu njengoba lokhu kungabanga ubuhlungu obukhulu kuze kuyilimaze nenkukhu imbala.
  • Iya kudokotela wezilwane uma unokungabaza noba ubunzima bokuthola ngesiqiniseko ukuthi lenkinga ungayisusa ngani

Translated by Nokubonga Guliwe