Sweet Prickly Pear
Idolofiya

© Louise Brodie

Igama

Idolofiya (Sweet Prickly Pear)

Igama lesiLatin

Opuntia ficus-indica

Incazelo

Lesi yisitshalo esigcwele amanzi esineziqu eziyizixwembe ezinameva. Lesi sitshalo, esidabuka eCentral America, kasinawo amaqabunga. Idolofiya (isithelo) livokomele ngenxa yoketshezi oluningi phakathi, linameva futhi liyadliwa.

Indawo esitholakala kuyo

Lesi sitshalo sisabalele kuzo zonke izindawo eNingizimu Afrika. Satshalwa kuleli eminyakeni engamakhulukhulu eyedlula sisuswa eMexico.

Olunye ulwazi

Idolofiya yisitshalo esisetshenziswa kakhulu eNingizimu Afrika okwenza abanye abantu bacange ukuthi sidabuka kuleli. Lesi sitshalo siyasetshenziswa ukwakha izibaya zemfuyo kanjalo nokuyondla. Imizi eminingi emapulazini ibiyelwe ngaso.
Isithelo idolofiya kwenziwa ngaso ujamu neziphuzo ezinhlobonhlobo. Ezindaweni eziningi ezisendle lesi sitshalo siyasuswa ngoba saziwa njengesitshalo esithikameza ukukhula kwemvelo.