Pangolin
Isambane Esimagobolondo

© Nigel Dennis

Igama

Isambane Esimagobolondo (Manis temminckii)

Sibonakala Kanjani

Isambane esimagobolondo silinganiselwa ku-1m futhi sinesisindo esiwu-18kg. Umzimba uvikelwe isivikelo samagobolondo ansundu, awuphawu olusehlukanisa kuzo zonke izilwane ezincelisayo. Ekhanda sinamagobolondo esiphongweni kuphela, asinawo esiswini naphakathi kwemilenze.
Ucikicane nobhozo kufishane ezinyaweni zangaphambili, bese izinzwane maphakathi namazipho zinde ukuze sigwazi ukugubha. Imikhono mifishane kunemilenze. Umsila waso obanzi unqundekile ekugcineni.

Zidlani

Njengoba izambane ezimagobolondo zidla izinambuzane kuphela, ukuba khona kwezintuthwane nemihlwa ngobuningi ukuze zizondle, yikho okwenza ukuba khona kwaso kwande endaweni ethile. Okunye okubusa ubukhona baso, ukuba khona kwemigodi noma ezinye izindawo zokucasha. Zidla kakhulu izintuthwane.
Isambane esimagobolondo sibukeka sidla ngokukhetha ngoba ziwu-19 kuphela izinhlobo zezintuthwane nemihlwa esizidlayo. Sihogela ukudla ngephunga, ngisho ngaphansi komhlaba. Uma sesikuhogele ukudla sigubha imisele ngezidladla ezibukhali zangaphambili.
Ulimi oluwu-250mm ubude, olume njengenduku, lunamathe anamfukayo. Lokhu kusetshenziswa njengesikhali sokukhipha ukudla ngokuluhlohla emiseleni yemihlwa. Uma isilukhipha luphuma selumbozwe imihlwa enamathele kulona bese siyigwinya ngomlomo. Sidla izikhathi eziwu-90 ngale ndlela ubusuku bubunye, isikhathi sokudla sisinye siba wumzuzu owodwa.
Njengoba singenamazinyo, isihlabathi esingena emlonyeni nokudla okukhishwe emgodini, siyasiza ukugaya ukudla emlonyeni ogcwele imisipha.

Zizalana Kanjani

Izambane ezimagobolondo, eseduna nesensikazi zihlangana isikhashana izinsuku ezimbili ngoNdasa. Zikhwelana ngokusondela omunye eceleni komunye, iduna lihlohla umsila walo ngaphansi kwensikazi. Insikazi izala ichwane emuva kokumitha izinsuku eziwu-135.
Ukuzalana kuba ngoNtulikazi noma ngoNcwaba. Amachwane anceliswa emgodini, lapho ishiywa khona uma insikazi isayozingela. Amachwane athuthwa njalo emva kwenyanga yokuqala.

Ziphila Kanjani

Izambane ezimagobolondo zikuhlomele kahle ukuzivikela. Isambane esimagobolondo sivame ukuzigoqa sibe yibhola uma sethusiwe. Izambane ezimagobolondo ezihlala ezihlahleni zizigoqa zibe yibhola embotsheni yesihlahla uma sezilala ebusuku. Izambane ezimagobolondo ziyashaya nangamagobolondo azo abukhali njengensingo.
Futhi zinemithambo ethile eyizikhwanyana ekhipha iphunga elibi njengeleqaqa ezixosha ngalo izitha. Izambane ezimagobolondo zingahamba ngezinyawo ezine, kodwa uma zigijima ziyama ngemilenze emibili zizimelele ngemisila yazo emide. Zigijima ngesivinini esingamakhilomitha amahlanu ngehora.

Zitholakalaphi

Indawo esiyithanda kakhulu amahlathi ezinkalo, kodwa siyatholakala nasezikhotheni zezimfunda, emadwaleni emaqeleni nasezinkangala. Azitholakali ogwadule nasemahlathini acinene.
ENingizimu Afrika izambane ezimagobolondo zitholakala kakhulu lapho okwakuyimpumalanga, nenyakatho nentshonalanga yeNtilasifali, inyakatho yeKwaZulu-Natali, impumalanga Kapa, bese-ke zisabalala nasemazweni angomakhelwane.

Imininingwane Ehlaba Umxhwele

Izambane ezimagobolondo zisengcupheni ngoba isikhumba sazo sithandwa ngabenza amabhuzi, sifana nesenyoka noma esesambane esinoqwembe saseMelika. Izambane ezimagobolondo ziyadliwa kwezinye izingxenye zomhlaba.
Ziyisikhombisa kuphela izinhlobo zezilwane ezincelisayo eziphilayo ezibalwa kwiPholidota, izambane ezimagobolondo noma abadlibezintuthwane abamazenga, zingezinye zazo. Kunezinhlobo ezine e-Afrika nezintathu eningizimu-mpumalanga ye-Asia.
Izambane ezimagobolondo zake zasabalala umhlaba wonke, kunamathambo-dwala abukeka njengesambane esimagobolondo samanje, abizwa ngokuthi Eomanis, angawenkathi ye-Eocene eJalimane, amanye futhi amathambo-dwala esambane esimagobolondo enkathi ye-Oligocene atholakele eNyakatho Melika.
Namuhla, ngenxa yokucekelwa phansi kwezindawo zesambane esimagobolondo nokuzingelwa kwaso (amagobolondo alesi sambane ayasetshenziswa emakhambini aseShayina nawase-Afrika), izinhlobo ezintathu zase-Asia nolulodwa lwase-Afrika zithathwa njengezisengcupheni yokushabalala.

Imininingwane Emqoka

Igama lesayensi: Manis Temminckii
Isisindo (Insikazi): Wu-4, 5kg kuya ku- 14, 5 kg
Isisindo (Iduna): Wu-4, 5kg kuy ku-14, 5 kg
Ubude (Insikazi): Wu-80 cm
Ubude (Iduna): Wu-80 cm
Isikhathi sokumitha: Izinyanga ezicela kwezine
Isibalo samachwane: Linye
Uhlelo: Pholidota
Umndeni: Manidae
Zizalana Kanjani: Kuzalwa umdlwane phakathi kukaNhlaba noNtulikazi emva kokumitha izinyanga ezine.

Incazelo Esidladla

Isidladla semilenze yangemuva sinezintende eziyindilinga namazipho amane athinta phansi ngokuvamile, nomsila ohwaya phansi ngezinye izikhathi nophawu lwamazipho angaphambili, amade agobile.

Okuphawulekayo

Igama elithi iPangolin lisuselwa egameni lesiMalay elithi, pengguling, okusho “ukuzigoqa” ngoba isambane esimagobolondo sinomkhuba wokuzigoqa sibe yibhola uma sethukile. Ngenxa yemikhuba yaso, siyisilwane esiyivelakancane kwabavakashela eziqiwini futhi sihlale sisohlwini lwezilwane okumele zibonwe.