Oribi
Iwula

© Nigel Dennis

Igama

Iwula

Zibonakala Kanjani

Le nyamazane enhle encane inentamo ende nemicondo. Amadlebe anjengeqanda. Uboya bunsundu sakuba bomvu, limhlophe ngaphansi. Isibhelu sewula simnyama. Duze namehlo kunomnyama wempunzi.
Yizimpongo kuphela ezinezimpondo ezimfishane, eziqondile ezibude buwu-80 kuya ku-180mm, zinamazenga emsukeni. Imilenze midanyana kunemikhono. Izimpongo zilinganiselwa ku-600mm emahlombe bese zibawu-14kg. Izinsikazi zithe ukuba nkulu kunezimpongo. Iwula likhombisa umkhuba oyingqayizivele, umkhuba “wokugxuma” uma lethusiwe, ligxuma liye phezulu imilenze yalo iqonde thwi.

Lidlani

Lingumklabi ikakhulukazi, lidla nezimbali kwezinye izikhathi. Noma-ke litholakala ezimfundeni, kodwa alithembele emanzini angaphezu komhlaba.

Azalana Kanjani

Lizala ngezikhathi ezithile futhi eNingizimu Afrika lizala kakhulu ngoLwezi kuya kuZibandlela. Amitha izinsuku eziwu-210 bese ezala izinyane elilodwa. Amazinyane ayafihlwa isikhathi esingangenyanga, unina ede ebuya ngezikhathi ezithile ukulincelisa. Amazinyane ayakhululwa ezinyangeni ezine kuya kwezinhlanu.

Aphila Kanjani

Atholakala ewumndeni wempongo nezinsikazi ezimbili. Le mindeni iphatha isigodi esithile, futhi iyazivikela ngomfutho izigodi zawo ezingangamahekthare awu-25 kuya kuya kwawu-100.
Izimpongo eziphethe izigodi zixosha izimpongwana emhlambini, kanti izinsikazi ezincane zihlala isikhathi eside zize zikwazi ukwakha imihlambi. Njengoba kubalulekile ukugcina ubuhlobo, umhlambi wenza isiko lokunqwabela imisimbane ndawonye kodwa leyo misimbane kayandiswa njalo njalo.

Atholakala Kuphi

Lihlala ezimfundeni, ezinkalweni, emathafeni nasezikhotheni zezintaba nasemahlanzeni angacinene.
Ukusabalala kwawo kuthe gqwa gqwa lapha nalapha. eNingizimu Afrika iwula litholakala ezingxenyeni ezisenyakatho yeMpumalanga Kapa, KwaZulu-Natali, eMpumalanga, bese eminye imihlambi emincane itholakale eFreyistata naseSwazini. Kuthukela itholakele empumalanga neCaprivi eNamibia nasenyakatho Mpumalanga yeBotswana.

Imininingwane Emqoka

Igama lesayensi: Ourebia ourebi
Isisindo (Insikazi): Wu8kg kuya ku-20kg
Isisindo (Impongo): Wu-11kg kuya ku-17 kg
Ubude (Insikazi): Wu-100cm
Ubude (Impongo): Wu-100 cm
Inkathi yokumitha: Izinyanga eziwu-7
Isibalo samazinyane: Izinyane elilodwa
Uhlelo: Artiodactyla
Umndeni: Bovidae
Izimpondo: Wu-13cm (ingqophamlando wu-19 cm)
Ukuzala: Izinyane liyazalwa phakathi kukaMfumfu noZibandlela emva kokumithwa izinyanga eziyisikhombisa.

Incazelo Yenselo

Izinselo zicijele phambili. Zincane kunezeqhina. Unyawo lwangemuva lwelulekile.