Lilac Breasted Roller

© Roger de la Harpe
Lilac Breasted Roller.

Ukubukeka

I-Lilac Breasted Roller ejwayelekile ubude bayo li-14.5 lama intshi. Inekhanda eliluhlaza satshani, nentamo emfushane. Imilenze yayo mifushane futhi imibala yayo isagolide nokuluhlaza. Umlomo wayo uqinile futhi unendawo egobile. Umsila wale nyoni kawumude kakhulu. Amahlombe namaphiko avayolethi umbala. Ngezansi inezimpaphe eziluhlaza satshani nokusasibhakabhaka. Izimpaphe ezingaphezulu zisamphisholo. Isilevu simhlophe, isifuba si-lilac. Le nyoni inamaphiko aqinile.

Ukudla

I-Lilac Breasted Roller idla amaqhwagi, amabhungane, izibankwa, onkalankala namaxoxo.

Ukuzalela amaqanda

Yakha isidleke ezimbotsheni zezihlahla noma kuma-termite hills. Ngenye inkathi iye ithathe izidleke zama-woodpeckers noma ama-kingfisher. Zizalela amaqanda amabili noma amane ngesikhathi, eziwanakekela izinsuku ezi-2 kuya kwezingama-24. Emuva kwezinsuku ezili-19 amachwane amila izimpaphe ezimbala unsundu.

Ukuziphatha

Ama-Roller athola igama lawo ngenxa yendlela andiza ngayo. Anesivivini futhi abuye andizele phansi kube ngathi ayagingqika. Ama-Roller aba nomlingani oyedwa ngesikhathi futhi anomona ngendawo yawo. I-Lilac Breasted Roller ithanda ukuhlala ezihlahleni eshile lapho iye izingele khona ukudla kwayo. Le nyoni ibuye izingele nezilwane ezibalekela umlilo wasendle. Zihlala zihamba ngambili noma ngamaqembu, kodwa kuyenzeka kokunye uyibone izihambela yodwa. Umsindo wokukhala kwayo uthi ‘zaaak’. Le nyoni ihlala endaweni eyodwa isikhathi eside, ifuduka kuphela uma kunesidingo.

Ukuhlala

Zithanda izindawo ezinotshani nezinkuni, nalapho okukhona khona izihlahla ekuthiwa ama-palm.

Zitholakala kuphi

Le nyoni itholakala ezindaweni eziningi e-Afrika, ukusukela ogwini lwe-Red Sea kuya e-Ethiopia, eningizimu-ntshonalanga yeSomalia, e-Angola naseNingizimu Africa.

Igama lesiLatin

Coracias caudata.