Kori Bustard

© Nigel J Dennis
Kori Bustard.

Igama

Kori Bustard

Ukubukeka

I-Kori Bustard yiyona nyoni inkulu e-Afrika ekwaziyo ukundiza. Isisindo sayo siyafika kwi-19 lama khilogremu. Yinyoni ethanda ukuhamba ngezinyawo. Inentamo nezinyawo ezinde nezinzwane ezintathu. Izimpaphe zayo zinsundu okunokuphuzi. Inemigqa emhlophe emehlweni. Inomsila obanzi futhi nawo onemibala ephuzi, onsundu nomhlomphe, namaphiko ngokunjalo.

Ukudla

I-Kori Bustard ithanda ukudla izithelo, izibankwa nezinyoka. Amachwane wona avame ukudla izinambuzane nogamu we-Acacia, okungazeki ukuthi awugaya kanjani. Okunye okubalulekile okwaziwayo ngale nyoni ukuthi uma iphuza amanzi iyawancela kanti ezinye izinyoni ziye ziwakhe ngemilomo yazo bese ziyawaphuza.

Ukuzalela amaqanda

I-Kori Bustard iyinyoni enabalingani abaningi. Ngaphambi ngokuthi kokubamba isikhukhukazi, iqhude liye likhukhumale intamo bese lidansa ngaphambi kwemazi. Amanye aye aphakamise izimpaphe zazo zonke, lokhu okwenza zabonakale ngathi yibhola elikhulu elimhlophe. Uma eseqedile ukwenza lolu siko amaqhude aye agobe kwesikhukhukazi. Leli siko lenziwa ekuseni noma entambama sekushona ilanga.
Ezesilisa ziyanyamalala uma sekufika isikhathi sokukhulisa amachwane. Izikhukhukazi isikhathi esiningi zihala esidlekeni, zisishiya isikhashana uma ziyofunela amaphuphu ukudla. Le nyoni izalela kanye ngonyaka, futhi ithatha izinsuku ezingama 23-30. Kayejwayele ukwakha isidleke esikhulu futhi inakho ukubeka amaqanda esihlabathini esingenalutho.

Ukuziphatha

Le nyoni ithanda ukudlela phansi, yingakho ke kuthiwa yi-bustard – loku kusho kuchaza izinyoni ezithanda ukuhamba ngezinyawo. Ama-Kori Bustard, ngenxa yesisindo sawo sikhulu, aye andize uma kunesidingo kuphela. Kubonakala ngathi le nyoni isizobalwa nezinye izinyoni ezingandizi, njengentshe, okusho ukuthi sezibuyela endleleni ezaziyiyo kudala. Le nyoni iphila isikhathi eside. Ama-Kori Bustard athanda ukuhlala endaweni eyodwa uma inokudla okwenele.
Njengazo zonke ezinye izilwane ama-Kori Bustard nawo aye afuduke uma kufika isikhathi.I-Kori Bustard ungayibona ihamba yodwa, zihamba ngambili noma zingamaqembu ambalwa. Zithanda indawo ezinotshani nama-scrub. Uma ihamba le nyoni ivame ukuhamba kancane. Uma ibona ingozi iye iqale ngokubaleka phansi, uma ibona isimo siba sibi kakhulu iyandiza.

Ukuhlala

Ama-Kori Bustard ahlala ezindaweni ezinotshani. Ama-Kori Bustard athanda izindawo ezinhle futhi ezinotshani obufushane. Le nyoni ayifuduki kakhulu njengoba ezinye izinyoni zenza, ifuduka kuphela uma kungasekho ukudla okwenele kuleyo ndawo noma uma isimo sezulu sisibi.

Zitholaka kuphi

Ama-Kori Bustards atholakala e-East Afrika, Ethiopia, Kenya, Tanzania.

Igama lesi Latin

Ardeotis kori