Klipspringer

© Nigel Dennis

Igama

I-klipspringer [Oreotragus oreotragus] yigama lesiBhunu elisho uhlobo lwenyamazane ejomba amatshe, phecelezi i-rock jumper kanti lichaza kancane ngokukwazi kwalesi silwane ukuphila endaweni enamadwala njengoba sivame ukubonakala sizihambela kalula kuwona.

Ibonakala Kanjani

Le nyamazane inesisindo esiwu-11kg kuya ku-13kg kanti ukuphakama kwayo kuwu-500mm kuya ku-600mm, lena yinyamazane encane kakhulu. Eyesifazane ivame ukuba nkulu kancane kuneyesilisa. Yizinqama kuphela eziba nezimpondo kodwa nazo zimfishane, kanti lezo zimpondo zazo ziyasonteka ngasekuqaleni kwazo.
I-klipspringer inamadlebe amancane ayindilinga anemigqa emnyama ngaphakathi. Umbala wesikhumba sayo esinoboya obuningi wehlukahlukene kusuka kompunga, kuya kophuzi, onsundu noma obomvu, bese kuba nombala omhlophe ngaphansi, esilevini nasemlonyeni. Okuqapheleka kakhulu ngayo, wumugqa omnyama ongasemehlweni.

Izilwane Eziyidlayo

Lezi zinyamazane zidliwa wukhozi nezimfene. Ngenxa yokuthi lezi zinyamazane zihlala zihlale ziyishiya indawo yazo, zisheshe ziyibone isekude ingozi bese zixwayisa nabanye ozakwabo lokho zikwenza ngokuthi zibalekele kwenye indawo emaphezudlwana ngaphambi kokuthi zimemeze noma sezimemezile ziholwa ezesifazane phambili. Uma seziphephile, kulapho zishaya khona ikhwelo kanye kanye.

Zidlani

Ekudleni kwalezi zinyamazane kubalwa izimbali ezithile nezitshalo eziluhlaza namakhambi akhethekile. Akujwayelekile ukuthi zidle utshani. Amanzi akuyona into eziyiphuza njalo noma eziyidinga kakhulu.

Zizalana Kanjani

Kuzalwa izinyane elilodwa entwasahlobo noma ehlobo emuva kokumitha izinyanga eziyisithupha. Amazinyane ayakhishwa emhlambini emva konyaka, okuyilapho lisuke selikhule ngokwanele.
Kuzalwa izinyane elilodwa emva okumitha izinyanga eziyisikhombisa.

Ziphila Kanjani

Zombili ezesilisa nezesifazane ziba nobudlelwano besikhathi eside futhi ziyayilwela indawo yazo. Isikhathi esiningi, imihlambi yazo iba namalungu ayisishiyagalombili okuvamise ukuba awemindeni evela kweminye imihlambi engamakhelwane.

Zihlala Kuphi

Ama-klispringer anezindawo ezekhethekile ahlala kuzona. Kuvame ukuba yizindawo ezinamadwala ezintabeni. Lokhu kusiza ukuthi kube lula kuyona ukubalekela izitha.

Atholakala Kuphi

Ama-klipspringer atholakala kulezi zindawo eNingizimu Afrika e-Zoutpansberg naseLebombo, ngasemfuleni waseNamibia i-Kuiseb River, ezansi ne-Orange River, aphinde atholakale ezintabeni zaseNtshonalanga Kapa. Awavamile ezintabeni zoKhahlamba.

Imininingwane Ebalulekile

Isisindo Seyesifazane: Wu-11kg kuya ku-16kg
Isisindo Seyesilisa: Ngu-9kg kuya ku-12kg
Ubude Beyesifazane: Wu-82cm
Ubude Beyesilisa: Wu-82cm
Isibalo Samazinyane Azalwayo: Liba linye
Uhlelo: Artiodactyla
Umndeni: Bovidae

Izimpondo

Ziba wu-10cm ubude (ezinde kunazo zonke ezake zabonakala kwakuwu-16cm).

Incazelo Yezinselo

Le nyamazane ihamba ngokunyathela kancane ngezinselo zayo ezinde, ezingacijile phambili. Ukungaciji kwezinselo zayo kwenziwa wukuthi ihamba kakhulu emadwaleni.