Izindaba zogogo – umonakalo owenziwe ingculazi kwimindeni

Felicia Mfamana uselahlekelwe izilame eziningi ngengxa yengculazi, umzukulwane wakhe, indodana, kunye namadodakazi wakhe amabili. Usixoxela ngokuthi abangani bakhe be qembu ekuthiwa i-GAPA bamsiza kanjani ukuthi akwazi ukumelana nalokhu okwamehlela.

Umkhuhlane

©Eric Miller

Ngangi nezingane eziyisikhombisa, amantombazana amahlanu, na bafana ababili. Indodakazi yami uNonkosi no mzukululwane wami uMihlali, bobabili babehlala nami. Ngangi fana nomama ku Mihlali, futhi ngangimthanda kakhulu. Ngelinye ilanga uMihlali wavuka ngensimbi yeshlanu ekhala.

Ngazama ukumthulisa, wabangathi uyathula, ngase ngambeka embhedeni ukuthi alale, ngase ngahamba ngayogibela itekisi elibheka ePinelands, la eKapa. Mangibuya ngamfica ethule futhi enganyakazi, washona. Ngabiza umkhelwane, indoda eqotho ekuthiwa uPeter Nqoboka, oku uye ozwa ngitshile ukuthi usishiyile.

Bahlala phansi nomkakhe bakhuleka. UNonkosi wathi make fika ngaswela amazwi okumtshela ukuthi kwenzekeni. Wahamba waye kuye wathi, “mama, umihlali uyabanda,” ngalesosikhathi kwamele ngimtshele ukuthi uMihlali akasekho emhlabeni. Waye negciwane lengculazi, waye zalwe nalo, ngangingazi lutho ngengculazi, kepha ngangingazi ukuthi wayeguliswa yini kangaka.

Ekuhambeni kwesikhathi ngashayelwa ucingo yindodakazi yami endala ingitshela ukuthi uNonkosi uphuthwe umkhuhlane, futhi akasadli ngisho ukudla. UNonkosi waye ngitshelile ukuthi unaleligciwane kodwa ngangi ngeka qondi kahle ukuthi lokhu kuchaza ukuthini. Sazama ukuthi eze eKapa azokolashwa.

Ekutholeni kwakhe i-treatment waphindela eMpumakoloni lapho wafike washona khona. UNoxolo enye indodakazi yami nayo yashona ibulawa yileli gciwane.

Ngisizeni ngime ngezinyawo

©Eric Miller

Umfazi wendodana yami endala uPhikolomzi wangibhalela incwadi engitshela ukuthi umyeni wakhe une TB. Ngahamba ngayombona eTranskei. Wayondile futhi engakwazi ngisho uzimela ngezinyawo zakhe, engakwazi ngisho ukusebenzisa ingalo yakhe eyodwa, ngoba wayeseshawe i-stroke. Nokukhuluma wayengasakwazi.

Ngahlala naye izinyanga ezimbili, ngase ngabuyela eKapa, ngo Spethemba, kanti uzoshona ngayo kanye leyonyanga. Leyominyaka yokushona kwezingane zami, nezingane zazo, iyona yeminyaka eyake yanzima kakhulu kimi.

I-GAPA iyasomeleza

©Eric Miller

Ngezinsuku zami zokuqala ukuya kwimihlangano ye GAPA ngangihlezi ngikhala ngicabanga ukushona kwezingane zami. Omama be GAPA babenozwelano ngoba nabo lokhu kwakhe kwenzeka nakubona. Siyakhuleka futhi uNkulunkulu uyasisiza ukuthi zikwazi ukumelana nalokhu. Manje sengiyabona ukuthi ingculazi ayikhethi mndeni.

Ngiyajabula ngoba impilo yami iseyinhle. Ngiyathanda ukuya kumhlangano we GAPA ngolwesibili ngoba kuyadanswa, futhi sidla iblakfesi ngaphambi kokuthi siqale ukudansa, bese kulandela isidlo sesemini, siyanitha futhi. Ngolwesisthathu sihlanganela kwa Nks. uMbedla.

Ogogo abayi 17 bayeza, besuka e-Section A, B, C na kwa D eKhayelitsha. Baningi ogogo abadinga usizo lwe GAPA, ngike ngasukuma nasesontwini ngicela ogogo ukuthi nga joyine i-GAPA, izobasiza.