Isipinashi

© Louise Brodie
Igama lesayensi: Spinacia oleracea Amagama ajwayelekile: isipinashi, isipinashi sangempela noma umntwana wesipinashi

Incazelo Yesitshalo

Isitshalo samaqabunga aluhlaza angamasentimitha angu-25 kuya ku-30 ubude futhi ububanzi obungamasentimitha ayishumi kuya kumashumi amabili. Amaqabunga aqala ngokushelela futhi ajikeleze uma ekhula kodwa ashintshe ngokuya kwesikhathi.

Ukusetshenziswa

Amaqabunga adliwa ephekiwe noma engaphekiwe njengesaladi. Amaqabunga nawo ayenza ujusi.Ngumthombo wevithamini A, B1, B2, niacin ne-calcium. Isipinashi ingagabhwa.

Izidingo Zomhlabathi Nokulungiselela

Singatshalwa kuzinhlobonhlobo zenhlabathi kodwa isitshalo senza kahle kakhulu enhlabathini yefenya futhi uma i-pH iphakathi kuka-6 no-6.8. Engeza ifosifithi nomquba kahle ngaphambi kokutshala futhi usebenze enhlabathini ephezulu.

Isimo sezulu

Isipinashi singaphumelela ebangeni lokushisa eniphakathi kwamazingakushisa amahlanu kuya kumashumi amabili nanhlanu kodwa okugcono kakhulu amazingakushisa ayishumi nane kuya kushumi nasishiyagalombili.

Lesi sitshalo asizwani nokubanda ngaphansi kwamazingakushisa amahlanu noma ukushisa okungaphezu kwamashumi amathathu. Nakuba lesi sitshalo singasinda ezinqamuweni ezincane zeqhwa kodwa hhayi ngokuphelele.

Ukushisa okuphakeme kunciphisa ukukhula. Ngokuvamile isitshalo esizwana nokuphola.

Izilimo

I-Regiment, i-Bloomsdale, i-Tyee, iCatalina, i-indian summer, i-space ne red cardinal.Translated by Nsika Khoza