Isifundo sesihlanu sika Nelson Mandela

© Eric Miller

Indlu yonke Iyaphakama, Inhlokomo Kuqhwatshwa Izandla

Kungathi umuntu oyedwa, 1300 wabantu baphakama ezitulweni zabo eLinder Auditorium kwiNyuvesi yase Witwatersrand's kwindlu yokufundela eGoli ngesikhathi indonda esimpunga igqoke okusansundu ixhugela ibheke esiteji unkosikazi wakhe emubambe ngesinye isandla nodondolo kwesinye isandla.

Izandla zaqhwatshwa kanyekanye ngenhlokomo enkulu Lendoda kwakungu Nelson Mandela, wayesezokwethula isikhulumi sosuku kwisifundo sesihlanu sika Mandela (fifth Nelson Mandela Lecture) indoda eyake yaphatha umhlaba njengoNobhala jikelele weNhlangano Yezizwe (UN) iminyaka eyishumi u Kofi Annan,Izihambeli eziningi kwakungezase Ningizimu Afrika kuhlangene zonke izinhlanga kuhle okothingo lwenkosazana uMandela aphumela kulo mhlaka 10 May 1994 njengoMongameli wokuqala omnyama weNingizimu Afrika ebuswa ngentando yeningi.

Izihambeli zabuye zamnika uAnnan ithuba lokumnaka kodwa okomzuzwana kwaba nguMandela ezazigxile kuye zimhaya ngenhlokomo.

Uphawu luka Mandela

uMandela, ethanda ukukhathala kubungazwa usuku lwakhe lkuzalwa lweminyaka engu 89 kanye nosuku lakhe lweminyaka engu 9 ashada olwenzeka ezinsukwini ezimbalwa ngaphambi kwalolu, wabonga ukushayelwa ihlombe ngokwase sekuwuphawu lwakhe, ukumamtheka okukhulu nokuvayizisa isandla Kuyona yonke inqubo ngesonto mhlaka 22 July 2007, inhlokomo kanyekanye, ukumhaya ngokumhlonipha kwenzeka kathathu uMandela esancenga indlela ebheke kwiplatifomu isikhulumu sosuku esasizokuma kuso aphinde abuyele esihlalweni sakhe nangemva kokuba u Annan esethule inkulumo yakhe ngombono wakhe nge Africa esesuka esiteji.

Abantu abangamaciko uma besembukisweni abatholi ukuhlokonyelwa kushanywe izandla kuze kube kane ngobusuku obubodwa – kanye mhlawumbe noma kabili uma kudlulele, kodwa lapha kwenziwa izikhawu ezine kwenziwela indoda endala egcwele ukumamatheka. Kungabe lokhu kwenziwa ngokweqile? Cha nakancane, ezweni lapho lendoda yanikela ngalolonke ithalente layo, isibindi esikhulu esihambiselana nozwelo kanye nokuqonda ukukwazi ukusiza ukudlulisela ngokuthula amandla ombuso esuka kuhulumeni wengcindezelo eya kwabacindezelweyo.

uNelson Mandela, Indoda Yokubuyisana

Iningizimu Afrika yayisogibeni lokuwela kumbhedukazwe okwakusele nje ukuthi kubekhona oqhwizwa umentshisi kubheduke, kuqhume yonke into bese kucekeleka phansi ngenxa yenhlansi nokufutheka komlilo okwakunyelela ezweni, ngenhlanhla ayi ngesibalo esikhulu. Wabe uMandela eseza ngephimbo lakhe elimtoti waba nomthelela.


Emva kweminyaka engu 27 bungekho ubulungiswa ekuvalelweni kwakhe ejele kanye nengcindezelo enesankahlo eyayenziwa kubantu besizwe sakhe sama Afrika nguhulumeni, wayenganquma ukuthatha amandla ayesebekwe kuye ukuphindisela ababelibusa. Kunalokho wakhetha ukubuyisana kanye nokuphilisana ngokuthula waphinde wabonisa bonke abantu ukuthi lena iyona kuphela indlela yokuqhubekela p hambili.


Kuyiqiniso ukuthi ukudluliselwa kombuso kwenzeka ngokubambisana nowayengumholi omhlophe u F.W. de Klerk, kodwa ngaphandle kuka Nelson Mandela nomoya wakhe wokubandakanya abanye, ukulwela kwakhe ukuthula kanye nokuhola kwakhe, kwakungeke kwenzele ukuthi kufinyelelwe kukho.


Ngaphandle nje kokuhlonipha iminyaka yobudala bakhe nomoya wakhe wokubuyisana owawuphophoza kuye, izihambeli zazibungaza ukuzinikela kwakhe ekutholeni ukuthula nokuba nendaba kwakhe nabantu abasemazingeni aphansi.

Translated by Nokubonga Guliwe