Giraffe
Indlulamithi

© Peter Delaney

Igama

Indlulamithi (giraffa camelopardalis)

Ibonakala Kanjani

Indlulamithi yinde kunazo zonke izilwane emhlabeni ngango-5.5m. Intamo ende yiyo eyenza ibe yinde. Intamo ende yenza indlela exakile yokugijima kwegazi, engakaqondiasiswa ongoti bezilwane. Ezikhulile zesilisa zinde ngo-5m, kuthi ezesifazane zibe wu-4.5m. Ezesilisa zingaba nesisindo esiwu-1 200kg, ezesifazane zibe wu-800 kuya ku-900kg. Zinamagqabhagqabha ampofu ezesilisa, kuthi ezesifazane zibe mpofu aphaphathekile. Ubulili bobubili bunezimpondo ezimfishane, ezembozwe yinyama.

Zidlani

Ngenxa yobude bezindlulamithi, zikwazi ukudla ngaphezulu kwemithi lapho ezinye izilwane zingAfiki khona. Isebenzisa ulimi olude ukunqampuna amahlamvu esihlahla emlonyeni bese ihlafuna ngamazinyo.

Zizalana Kanjani

Ezesifazane esezilungele ukuzala zilandelwa yizinkunzi ziphindelela. Zimitha izinsuku eziwu-457 izale ithole elilodwa. Ekuzalweni ithole linesisindo esiwu-100kg anceliswe izinyanga eziyisithupha kuya kweziyisishiyagalombili. Amathole awu-52% akhula aze abe madala ngenxa yokudliwa ngamabhubesi nezimpisi nezingwe. Alungela ukuzala uma eseneminyaka emine kuya kwemihlanu. Inkunzi zihlola ezilungele ukuzala kusuka eqenjini elilodwa kuya kwelilandelayo.

Iindlela Eziphila Ngayo

Izilwane ezizwanayo ziyakwazi ukuhlala ngamaqembu. Yize kunjalo awesilisaa asuka ashintsha amaqembu kuthi amathole ahlale nawesifazane amaningi eqenjini. Awanaso isikhathi esibekiwe sokuzala, izinkunzi zihlezi zizingela esezilungele ukukhwelwa. Izinkunzi zihlale zilwela ukubusa, kanti kuyakhexisa ukuzibuka zilwa. Zigaxana ngezintamo ezinemisipha enamandla. Ehlulwayo isunduzwa ize iwe. Akuvamisile ukuthi zize zilimazane kakhulu. Yizilwane eziziphilela ngokuthula. Zibanga umsindo uma ziphazanyiswe noma zihlaselwa yizitha.

Zitholakala Kuphi

Zisabalele izwe lonke kodwa zincishiswa yizifo, ukufuywa nokuzingelwa. Namuhla iningi lezindlulamithi ezigciniwe liyanda bese lithunyelwa eziqiwini.

Amaphuzu Abalulekile

Igama lesayensi: IGiraffa Camelopardalis
Isisindo seyesifazane: Wu-800 kg
Isisindo seyesilisa: Wu-1 200 kg
Isikhathi sokumitha: Izinyanga eziwu-15
Inani lamathole: Elilodwa noma amabili
Ukulungela ukuzala: Yiminyaka emine noma emihlanu
Isisindo izalwa: Wu-102 kg
Uhlobo: I-Artiodactyla
Umndeni: I-Giraffidae
Isivinini esigijimayo: Wu-55 km/h
Ukuzalana: Emuva kokukhulelwa izinyanga ezingu-15 izala ithole elilodwa

Imizila Yezinyawo

Inobhozo ababili abayisikwele. Kuvamisile ukuthi izindlulamithi ziphuke ngenxa yokushelela ezindaweni ezimanzi.

Okubalulekile

Kunezinhlotshana eziyisishiyagalolunye zezindlulamithi e-Afrika yonke. Nazi izinhlobo:
I-Giraffe camelopardarlis camelopardalis – I-Nubian, ezitholakala eSudan naseTopiya.
I-Giraffe camelopardarlis reticulata – I-Reticulated noma Somali giraffe ezitholakala eKenya, eningizimu Topiya naseSomalia
I-Giraffe camelopardarlis angolensis – Eyase-Angol noma yaseNamibian, ezitholakala enyakatho Namibia, entshonalanga-ningizimu Zambia, eBotswana nasentshonalanga Zimbabwe
I-Giraffe camelopardarlis antiquorum – I-Kordofan etholakala eningizimu Chad, eCentral African Republic, eCameroon naseDR Congo
I-Giraffe camelopardarlis tippelskirchi - IMasai noma yaseKilimanjaro ezitholakala eKenya naseTanzania
I-Giraffe camelopardarlis rothschildi - iRothschild, iBaringo noma eyase-Uganda ezitholakala e-Uganda naseKenya
I-Giraffe camelopardarlis giraffe – Etholakala eNingizimu Afrika, eningizimu Botswana, eningizimu Zimbabwe naseMozambique
I-Giraffe camelopardarlis thornicrofti – I-Thornicroft noma iRhodesian, ezitholakala eLuangwa Valley eZambia kuphela
I-Giraffe camelopardarlis peralta – eyaseNtshonalanga Afrika noma yaseNigeria