Cape Grysbok

© Nigel Dennis

Igama

Cape or Southern Grysbok [Raphicerus melanotis]

Ukubukeka

I-Cape Grysbok yisilwane esincane esinamahloni, sinomzimba omkhudlwana noboya obuqinile. Emhlane, uboya bayo bubomvu, lokhu kwenza lesilwane sibukeke ngathi simbovu sonke. Inqama kuphela ezine namaphondo, angama 60- 80mm futhi athe ukugoba kancane. I-Cape Grysbok ingu 540mm emahlombeni, ebudaleni bayo isisindo sayo ngu 10kg.

Ukudla

I- Cape Grysbok ayinakudla okukhethekile ekudlayo, futhi lapho ehlala khona akudingakali ukuthi kubenamanzi amangini. Ngezinye inkathi idla utshani olunamanzi (succulent).

Ukuzala

Lesilwane sizala noba yinini onyakeni, kodwa entwasahlobo sizakakhulu.

Sikhulelwa izinyanga eziyisikhombisa.

Mangabe isimo sisihle imvukazi izala noma yikabili ngonyaka. Lesisilwane masesisidala umbala waso uya ukhanya, futhi umbala waso awufani nowama chwane aqeda kuzalwa. I- Cape Grysbok. Les isilwane silungela uncansi mangabe sesinezinyaga ezili 18-24.

Ukuziphatha

I-Cape Grysbok ijwayele ukuhamba yodwa, futhi ithanda ukugcakamela ilanga, bese iqala ukudla ebusuku.

Zitholakala kuphi

I-Cape Grysbok ihlala ezintabeni nasezigodini zamanzi, kwizifundazwe zase, Western and Eastern Cape emningizimu Afrika. Sigcwele khona lapho ekukhona I Fynbos Biome. I Sharpe Grysbok iyafana nalesisilwane kodwa yona itholaka kwizi ntaba zase Lebombo, nase Mpumalanga.