Wildebeest

© Shem Compion

Igama

I-Blue Wildebeest noma i-White-bearded Wildebeest (Connochaetes taurinus)

Ibonakala Kanjani

I-Blue Wildebeest impunga, inemigqa kwesingenhla. Lesi silwane usibona ngoboya obude entanyeni. Izimazi nezinkunzi zinezimpondo ezigobile. Inkunzi isisindo sayo wu-250kg, ubude bayo wu-1.5m emahlombe. Imazi yincane, ubude bayo wu-1.4m, isisindo wu-180kg.

Zizalana Kanjani

I-Blue Wildebeest izala ehlobo, emuva kokuthi imitha izinyanga eziyisishiyagalolunye. Izinyane lithi liqeda ukuzalwa libe selihamba nomndeni.

Aziphatha Kanjani

Njalo uma kushintsha inkathi yonyaka, lezi zilwane ziyafuduka, ukuze zihlale ziphephile, futhi zingashiyi indawo ezisuka kuyo ingenakudla. Ahamba eyimihlambi asuka eshumini kufinyelele ezinkulungwaneni. Izinkunzi yizo ezikhonyayo, uma ngabe kungafudukiwe.

Atholakala Kuphi

Atholakala kakhulu eLimpopo, eMpumalanga eNingizimu Afrika. Lezi zilwane azikho engcupheni, kodwa-ke zitholakala eziqiwini.