Wild Verbena
I-Verbena Yasendle

Igama

I-Verbena yasendle noma I-pentanasia evulekile.

Igama lesiLatini

Pentanisia Prunelloides

Incazelo

Lesi yisitshalo esikhula sifinyelele ku-400 mm. Singaba nesiqu esisodwa noma eziningi ezinamaqabunga ahluma kuzo. Indawo eqhuma izimbali ibumbeke okwebhola, engaba wu-30 mm, no-1 mm ububanzi, idle ngokugqiza ngezimbali eziluhlaza okwesibhakabhaka. Isikhathi sokuqhakaza sisuka kuNcwaba kuya kuZibandlela.

Sitholakala kuphi

Sikhula ezindaweni ezivulekile, ezinamatshe amakhulu futhi zingatholakala esifundazweni esisenyakatho. I-Wild verbena ikhula ezindaweni ezivulekile, ezinamadwala amakhulu futhi iyamila eningizimu ye-Afrika kusukela esifundazweni saseMpumalanga Kapa kuya eTanzania.

Imbewu

I-Hibiscus ihlobene nesitshalo sikakotini kanti imbewu yezinye izinhlobo iyikazela okusakotini. I-Wild Verbena ingenye yezitshalo zokuqala ezihluma ngemuva komlilo.

Olunye ulwazi

Lesi sitshalo sithandwa yizimvemvane ukuncela impova yaso. Izimbali ze-Wild Verbena ziyimisweswana okwenza ukuthi kube yizinundu nezimvemvane kuphela ezingakwazi ukufinyelela phansi embalini lapho kunempova khona.
I-Wild Verbena isetshenziselwa ukwelapha izifo eziningana ezihlanganisa ukushaya kwenhliziyo ngamandla, ukuvuvukala nomkhuhlane.