Watsonia

© Roger de la Harpe

Igama

I-Watsonia

Igama lesiLathini

Watsonia transvaalensis

Incazelo

I-Watsonia inesithombo esibukeka njengendingiliza kodwa ivulekile. Inamakhasi amane aqinile nabukeka njengomkhonto kepha made futhi angafika ku-90cm ubude.

Imbali

Isithombo singaba yimitha noma ngaphezulu kanti kuqhakaza izimbali ezihlukene ezingaphezulu kuka-16. Ziyahlukana ngokwakheka nangombala. Amacembe avamise ukucija abe mhloshana, noma abe phinki noma afane nerozi, noma onsundu, kepha wonke ahluma nombala ophinki. Ivamise ukuqhakaza ngo-Okthoba kuya kuNovemba.

Itholakalaphi

Iyachuma ezindaweni ezivundile. Ikhula isabalale kakhulu eNtshonalanga Kapa.

Khumbula Lokhu

I-Watsonia yizimbali ezikhula ngamandla futhi zomelele. Uma sesiqhakaza zonke ehlobo, kuba yidili lombukiso.
Igama lale mbali lithathelwa kuSir William Watson, owayewungungoti kwezokutshalwa nokunakekelwa kwezimbali nezingadi eBrithani, ngeminyaka yawo-1800.