Ukusuka eRobben Island Sekubuyelwa eKapa

Indlendlana Eyiplangwe

©Roger DelaHarpe
Izivakashi zivumelekile ukudlula ejele zithwebule izithombe, kodwa izithombe zingebuchaze ububi obuhlasimulisayo begumbi lejele ngokwanele. Hle hle kunzima ukuqonda ukuthi umuntu ogqonywe kulendawo angavuka abe nenhliziyo evuleleke kangaka. Yena (kunye nezinye iziboshwa) bawuphakamisa umoya omuhle ongenakuhlulwa waseNingizimu Afrika, futhi sinenhlanhla engandele bani ukuthi baphuma ejele benalowamoya omuhle.
Kuyinhlabamxhwele ukwazi ukuthi abaningi osombangazwe bokuqala bentando yeningi baseNingizimu Afrika bangena ejele basuka baya ephalamende kunokokungaba okuphika lokhu. Emva kohambo olukulapha amanxeba siya egumbini lejele, izivakashi ziholwa ngokukhishwa ngabaqaphi bezivakashi bazibuyisele echwebeni, lakhona bezobamba isikebhe esizoba buyisela eKapa. Kwesincane isikhathi osuke usenaso, usengathi quh esitolo sasechwebeni, kumbe usengalula izinyawo endleleni eshayelwe ngamaplangwe, ekubonisa o phengwini bezongena eqhulwini lechweba.
Uhambo ngesikebha usubuyela Ekapa nalo lushiya inkumbulo ngokwalo efanayo nokuya khona Esiqhingini. Kuyisikhathi esihle sokuhlala phansi ubuyise konke obukubona. Umuntu nomuntu uzibukela ngendlela yakhe lokhu akubonile eRobben Island. Abanye bangahwaqabala ngabakubonile, abanye basengathokoza ukubona ukuthi wonke lomnikelo weziboshwa wagxivizwa ngesiphethu esiyinjabulo. Bese kuba khona onkamalanga abavese babheke le bazishayele amanzi amponjwana bese bezibuza bangakutholaphi ukudla.

Uhambo Oluhlaba Inhliziyo

©Roger DelaHarpe
Noma kungayiphi indlela obuka ngayo uhambo e-Robben Island, nokho kusala kuwumgudu wempilo okuhle wonke umuntu waseNingizimu Afrika nabo bonke bomhlaba okumele bawuguduze. Noma kungathiwa wazi kuphela igidigidi ledumela likaMandela nokho sikukhuthaza uvule inhliziyo ukuzwa udaba oluphelele. Kuwuhambo olugwaza inhliziyo, futhi ziningi izivakashi ezike zimelwe yinhliziyo uma zikuloluhambo lwasesiqhingini.
Ekufikeni eWaterfront, ubukhazikhazi beKapa bukukhanga isibili, nokubuka ubukhazikhazi beNingizimu Afrika ekhululekileyo bukunika umuzwa wokuba sekhaya. Nokho phambi kokusinela intando yeningi esinayo, beka nje umcabango owodwa ngesemumva.
Nakuba kuyalingana ukukhohlwa umlandu wethu obuhlungu bese sibuka kuphela isiphetho esiyinjabulo esesisijabulela manje, kungaba yiphutha elikhulu lelo. Kungokukhumbula kuphela indaba ende emangxongongxongo ye-Robben Island eyoqinisekisa izifundo, ezakhokhelwa ngegazi elimsulwa labantu, zidluliselwa esizukulwaneni esizayo. Futhi asikhumbule amagama amabili asemqoka abhalwe emqophweni omiswe ekungeneni eDachau nenkambi yama-NAZI: Plus Jamais – never again – kungaphinde kwenzeke.

Translated by Sbonelo Ngema