Ukuphawula Kwentatheli uBenjamin Pogrund NgoPiet Beyleveld

Mandela a Member UMandela Ilunga

©Eric Miller

Umufi uPiet Beyleveld wayengumholi weSpringbok Legion, inhlangano yalabo ababengamasotsha eMpi Yesibili Yomhlaba eyathathwa ngamakhomanisi. Kamumva wabangumengameli weCongress of Democrats, iqembu lamakhomanisi lokuzifihla labelungu elalibunjwe labayingxenye yeCongress Alliance ne-ANC. UBeyleveld kwakuyinsizwa enobungani, ethembekile futhi enezinhloso ezinhle ekuphikiseni ubandlululo. Amaphoyisa Ezobunhloli ambopha wase ejikela ozakwabo bomzabalazo:wavuma ukuthi ubeyilunga leqembu kusukela ngo-1956 futhi wabangufakazi ekushushisweni kwabo ukuze baboshwe.

Emva kwesikhathi esithile ngaya kokhuluma naye. Wakhuluma ngokukhululeka futhi wachaza nomhlangano wokugcina oyimfihlo weqembu awuhambela, endlini ethile eGoli, ekuqaleni kwabo-1960. Waveza nolwazi ukuthi uMandela wabakhona lapho futhi, uyakholwa ukuthi wakhethelwa ubulunga bekomidi eliphezulu. Wathi iphepha lokuvota laliyimfihlo futhi amagama ekomidi kwakungafanele aziwe ngisho ngaphakathi enhlanganweni.

Ngaleso sikhathi, lolu lwazi lwaluyinyama. Uhulumeni wawushabashekela ukuthi ukhombise ukuthi uMandela uyikhomanisi noma wake wabayilo. Kodwa angizange ngibike ngolwazi lukaBeyleveld, esikhundleni salokho ngawuvalela emqondweni wami: angizange ngazi ukuthi Amaphoyisa Obunhloli futhi ngangizimisele ukuthi bangangisebenzisi ukubheca uMandela ngenyama angayidlanga. Indaba yahlala iyindida.

Kwase kuthi ngo-2007, uPadriag O’Malley, encwadini yempilo kaMac Maharaj, owayeboshwe noMandela, wacaphuna amazwi amalunga eqembu athi uMandela ngempela wabayilunga okwesikhashana. Ngakho-ke kwacaca ukuthi emva kweminyaka engamashumi amane, uPiet Beyleveld wangitshela iqiniso.

Translated by Zoza Shongwe

Nelson Mandela The Conciliattor By Raymond Louw

Yilokho uMongameli waseNingizimu Afrika uNelson Rolihlahla Mandela akwenzile, eminyakeni emihlanu emva kokuba kuvulwe iminyango yejele futhi...more