Ukukhoselisa Amahhoko Onogwaja

© Karoline Steenekamp

Izinto Zokwakha Amahhoko Onogwaja

Amahhoko amaningi onogwaja enziwe ngocingo olumbozwe ngensimbi yezinki njengoba kulula ukukhuculula amahhoko ocingo kodwa lamahhoko kumelwe abekwe esakhiweni noma ngaphansi kophahla. Ucingo lomgandelo kumele lubewu-25 x 12.5 mm bese ucingo lwezinhlangothi lubewu-25 x 25 mm noma lungabawu-25 x 50 mm imbala.
Amahhoko epulangwe anophahla angabangaphandle. Lamahhoko epulangwe anomgandelo ontofo kodwa adinga umendlalo omningi futhi anomsebenzi omningi.
Amahhoko oqalo ayasetshenziswa kakhulu futhi anokuphepha okukhulu esimweni sezulu nomadlezinye. Izigqebhe zikasimende eziqoshiwe ezinezivalo zocingo ziyasetshenziswa kakhulu eMelika eseNingizimu.

Ubungako Bamahhoko Onogwaja

Uma ufuye onogwaja kuhle ukugcina unogwaja nonogwaja ehhokweni lakhe. Izinkunzi zingabekwa ehhokweni elithe ukuba lincane kunawezinsikazi ngoba zihlala zizodwa ngaphandle-ke uma kulethwe izinsikazi zizokhwelwa.
Amasikazi (abesifazane) adinga ihhoko elikhulu ngempela. Ihhoko kumele libenesikhala esanele sokuqukatha ibhokisi labantwana nokumumatha izixhumo ezincane zizezilunyulwe. Isibayana esiwu-1 m x 0.5 m siyindawo enhle unogwaja angazalela kuyona. (Bheka isihloko esithi: Impahla).
Izibayana zokulumula zisetshenziselwa ukukhoselisa izixhumo ezincane uma sezisusiwe kunina.
Kudingeka amahhoko okungenani amabili kwinsikazi eyodwa ngoba izixhumo zinobulili (zihlukaniswa ngobulili) ekulunyulweni bese kudingeka ibhokisi lamasikazi nelinye elamaduna.
Imfuyo entsha ehlukaniswe ngobulili ingasiwa emhubheni oboyelwe lapho izokhulela khona. Leli yihhoko elikhudlwana, noma ngumhubhe, lapho amasikazi amancane ayi-10 angakhulela khona ndawonye noma amaduna ayi-10.
Imihubhe ingenziwa ngocingo, ipulangwe noma yakhiwe ngezigqebhe zikasimende kusukela ezitinini noma emapulangweni. Kumele ubemude ngempela ukuze unogwaja angagxumeli ngaphandle. Izitebele zamahhashi ezindala ezinomgandelo kasimende zibayimihubhe emuhle kakhulu.

Translated by Zoza Shongwe