Ukuguduza iJele lase Robben Island

Abakukhombisa iJele

©Tracey Derrick
Emva kohambo lwebhasi, izivakashi zishiwa esangweni lejele ukuba ziqale uhambo oluyincindezi yomphefumulo. Lengxenye yohambo nikhonjiswa ngowaye ngumboshwa kulo ngqo ijele, izinkumbulo zabo ngejele zenza lokuhamba kube yinkumbulo engenakulibaleka futhi bakwehlise nomoya.
Abakhombisi bejele abanalo uhlelo oluqoshiwe phansi abaphoqeleke ukululandela. Nokho, ngatshelwa ukuthi laba ababengababoshwa baxoxa indaba evumelanayo ngotoliko lwabo lwempiloyasejele futhi ngendlela enamandla. Ngabuza uDerrick Basson owayengikhombisa, ukuthi kwaba njani esebuyela ejele manje esiyisesebenzi esikhombisa izivakashi impendulo yaba wukuthula eside isikhathi.
UDerrick waphinde wathi yena nabaningi babengababoshwa ababuyela ukuzosebenza kulesiqhingi, bakwenza ngenxa yokuba babengaqashwe ndawo futhi bewudinga umsebenzi. UDerrick wabuye wangikhumbuza ukuthi iziboshwa eziningi zadedelwa ngaphandle kokululekwa emoyeni noma izinto ezinjengokuqashwa, lokhu okwakubukhuni satshe ukukugwinya.
Labakhombisi bejele basebenza kanzima. Njengamanje babalelwa ku 15 ababeyiziboshwa zombangazwe abasebenza khona, ngezikhathi ezimatasa, bakwazi ukweza imijekelozo nezivakashi ebalelwa kwewu 6 ngosuku. Lokho okushuka ingqondo, njengomsebenzi wasehhovisi, nokho uDerrick wangiqinisekisa ukuthi lonke uhambo uzizwa kunento ayizuzayo kulo (akaqondile lapha imfalakahlana ayiphiwayo). Yebo kuyinto efanele impela ukupha abakhombisi bohambo imfalakahlanyana yokubonga, izivakashi eziningi zixhawula abakhombisi besiqhingi ngexhama lesandla kuphela.

Indlu Yenkolo Eyilibamalndu Kwabenkolo Yobusulumane

©David Fleminger
Ngaphandle kwejele kunesakhiwo esakhiwe ngamatshe amnyamanyana. Sinezindonga ezinde kwi khona ngalinye. Nenkundla yezemidlalo ewuthuli, ekakwe wucingo olunameva, iseceleni elilodwa lejele, yilapho iziboshwa zazidlala khona izimeshi zazo. Ikomidi lebhola lase Robben Island lalihlelekile kakhulu, linama minithi enemininingwane ecacile emihlangano likhiphe nezitifiketi kubo bonke abadlali ababe yingxenye.
Ngaphesheya kwejele kune - small kramat (eyithempeli) lika Sayed wase Adurohhman Moturu, owayeyi Sheik yase Modura. Wayeyinkosana yase Indonesia owagqonywa eRobben Island ngokuhola umzabalazo omelene ne Dutch East India Company, wafela khona esiqhingini ngo 1754. Umzimba wakhe sewangcwatshwa eJakartam nokho AmaSulumane aseKapa asaqhubeka nohambo olungcwele eya ethempeleni eliyilibamlandu kuleminyaka ewu 250 eyedlule, ngisho nala isiqhingi sabe siyijele lobandlulo. Lesisakhiwo esikhona sakhiwa ngo 1969, nedili elibizwa ngokuthi yi Khalifa libanjwa njalo kulendawo ngonyaka.

Amagumbi Ahlangene Eziboshwa

©Tracey Derrick
Nkashana usahamba ocingweni oselukhathele oluhaqe isakhiwo sejele, kuba nokubona kungemnandi kude kuvela enhlabathini. Masisha usuzibona ususejele.
La okuvamise ukuba ume khona yigumbi elihlanganisiwe eliku Block A. Kula khona zonke izivakashi zikleliswa emabhentshini odongeni lwegumbi, bese onikhombisayo anitshele ngezimo zokuphila ngaphakathi ejele, bese achaze izinhla zoqondiso zigwegwe olwalufakwa kwabasejele. Namuhla lamagumbi abanda qa awanamuntu, nokho umuntu uyakwazi ukuba nomuzwa wesixuku esasigcwala lapha nomsindo owawubakhona. Okupendwe odongeni kwenze luthi, ukukhanya, loludonga, nokho yinto nje leyo ependwe emva kuka 1991, emva kokuba zonke ziboshwa zombangazwe sezikhishiwe.
Emva kwamagumbi ahlanganisiwe, uyiswa ngaphesheya okuyibala elipheshulwa ngumoya, okwabe kuyizakhiwo zamahhovisi, angena esakhiweni esikhulu sejele. Yilapho isibhedlela, nehhovisi lokubalwa namagumbi okugqonywa wedwana kwabaholi bezombangazwe babehlaliswa khona.

Igceke Elalidumile Lokuzivocavoca

©Tracey Derrick
Emva kokuhamba kwimbuyisamsindo, uphumela emnyango okuholela egcekeni likakhonkolo, elikakwe wudonga olude. Yigceke leli elivelele ngokuzivocavoca lakhona oMandela neziboshwa ‘eziyingozi’ zazichitha amahora azo aligugu elangeni, phambi kokuba babuyiselwe emakopini amagumbi abo aseduze. Leligceke selinoklele lwezithombe ezinkulu zabantu abadumile ababegqonywe lapha, kodwa isasele iyindawo eyimbuqa. Okuyikho kungamangazi ukuthi uMandela wayesebenza etshala ingadi encane kwelinye icala legceke, ezama ukwehlisa umoya.
Emva kokuchazelwa okufishane egcekeni, lakhona lo onikhombisayo ukuthi labaholi ababegqonywe bodwa babexoxa kanjani nezinye iziboshwa ngaphandle nge network ababeyishushumbisile, izihlwele zibe sezibheke e B Section. Lengxenye iphethe uhide lwamagumbi omagqonywa ngayedwana, ehlelwe ngokulandelana kwi phasiji, ekhanysiwe ukucwebezelanyana kokukhanyi khanyi. Bese kuba manje ikwanhlabamxhwele wovuthondaba: i Cell 5, ku Block B. Ikotshanyana leli eliqukethe indoda enkulu kwiminyaka yezinkulungwane ezimbili uNelson Mandela.

Translated by Sbonelo Ngema