Ukufuywa Kwezinyoni eMapungubwe

Isakhiwo Esifihliwe Sokubuka Izinyoni eMaloutswa

©Jacques Marais

Uma abantu bengaxila ekubukeni izinyoni njengomsebenzi wokuzilibazisa eMapungubwe okungenzeka akunamkhawulo. Ipaki itholakala endaweni enokuhlanganela kwezinto zemvelo eziningi futhi iyiphi inhlobo yezinyoni ingavela. Kucatshangwa ukuthi lesi sifunda sinezinhlobo ezingaba amakhulu amane.

Isifihla sezinyoni zaseMaloutswa sakhiwe emaphethelweni omgodi wamanzi omkhulu engxenyeni esentshonalanga yepaki. Itholakala endaweni enezihlahla zomfula kanye nameva ayomile, ehluke kakhulu kwendawo eqoshwe ngamatshe ezungeze intaba yeMapungubwe.

Izwe elizungeze isifihla lalibi kakhulu, kodwa imvelo yendalo isuke ivuseleleka kancane kancane emapulazini avuselelwe. Isakhiwo esifihliwe sokubuka izinyoni sifanele ukubukela izinyoni nezilwane. Sitholakala eduze neLimpopo Forest Tented Camp.

Translated by Nsika Khoza