Ukubona Izinkinga Zezinkukhu- Imizwa

© Chris Daly

Ngaphanje kokusebenzisa amehlo akho kuphela, abalimi noma abafuyi kumele basebenzise neminye imizwa yabo ukukwazi ukukhomba izifo nendlela yokulawula inkinga esuke isibhedukile. (funda kabanzi ngokusebenzisa amehlo akho ukubona izinkinga.)

Sebenzisa Izindlebe zakho

Lalela izinkukhu. Ukugedlezela kwephimbo okulokhu kuqhubekile kuyinkomba ukuthi kukhona okungahambi kahle. Kungenzeka ukuthi kukhona okuyizingelayo inkukhu njengohheshe noma inyoka ethikamiza ukuthula nokunethezeka laphoke izinkukhu zingabonakala zigijimela kumpheme noma kwihhoko lazo.
Futhi kumele ulalele ukuthimula, ukukhohlela okufushana, ukunswininiza, ukukhohlela, ukundondoza noma ukuphefumula kanzima, okungabangwa izinkinga zepayipi lokuphefumula eliphezulu, amazinga e-ammonia enobuthi noma ukungazwani kahle nomgomo wesifo iNewcastle

Sebenzisa amakhala akho

Uma uzizwa unganethezekile ngenxa yomoya onephunga elibi ngoba usendlini yenkukhu, nezinkukhu nazo zizoba njalo. Ngobela phansi uye kwizinga lapho izinkukhu zikhona, donsa umoya kakhulu bese unuka emoyeni. Umoya kumele uhlanzeke, kungabikhona umoya obandayo ukwazi ukufinyelela kwizinkukhu. Izintuli ziyakwazi ukuthikameza imigudu yokuphefumula yezinkukhu futhi kuyenzeka zithwale igciwane i-Escherichia coli nalo elingaholele ekuzitheleleni okwesibili ngeminye imikhuhlane.
Iphunga le ammoniya (okungathi kunuka isitamukoko) elibukhali lingabonisa ukuthi kunenkinga yokulawula ukungena nokuphuma komoya ngendlela efanele, kunenkinga yezibi noma izindawo zokuphuzela. Ngaphandle kokuthi ibukhali emakhaleni, iphinde ibangele ukuluma kwesikhumba nasemehlweni. Inkinga nge ammoniya isuke isiwenzile umonakalo kwimigudu yokuphefumula yezinkukhu nangaphambi kokuba kuqale kuze kuzwakala iphunga layo, amachwane ayizwela kakhulu i-ammoniya kunezinkukhu esezikhulile.
(funda kabanzi ngokulahlwa kukadoti kanye nokulawulwa okcu fanele kokuphuma nokungena komoya.)

Sebenzisa umlomo wakho

Unuke uphinde uwunambithe umgqakazo (ukudla kwezinkukhu) namanzi. Izitsha zokuphuzela kanye namanzi kumele kuhlanzeke ngokwanele ukuthi nawe ungakwazi ukuphuzela kuzo. Kanti akube okufanayo uma kuza ekudleni kwazo. Amanzi akufanele abenezinga eliphezulu lekhemikhali i-chlorine ngoba lokhu kuzoholela ekutheni amanzi angaphuzeki futhi lokho kungaholela kwinkinga yezinso.
Ukudla kwezinkukhu okunomswakamo nosekonakele kungenzeka kube nokuvunduka kwe mycotoxins okungaholela kwizifo kuphinde kubange nokungakwazi ukwengeza isisindo esigculisayo. Usawoti omningi ongabangela isitibhili esimanzi, naso esingaholela kumthelela omubi ekulawuleni ukwanda kwezibi. Khumbula ukuthi umgqakazo (ukudla kwezinkukhu) awube usabanomsoco odingakalayo uma usumdala kakhulu noma sewonakele.

Sebenzisa Izandla Zakho

Zithinte uphinde uzibuke izibi. Uma izibi zinomswakamo nobumanzi kakhuli, zinokuqina noma ziba ikhekheba, kusho ukuthi kunenkinga kwindlela yokulawula izibi okungaholela kwizifo nasekulimaleni.
Phinda ufukule izinkukhu uzibeke ezandleni zakho bese uyazibukisisa ukuthi zikusiphi isimo ngokuzwa amamasela azungeze ithambo lesifuba. Kwinkukhu ephile kahle, imasela lizomboza ithambo lesifuba, kodwa uzokwazi ukulizwa ithambo lesifuba ngokusobala uma imasela lilincane emaceleni onke uma izinkukhu zigula, zingadli noma zingakhoni ukuthola ukudla okudla ngesilinganiso esifanele.

Translated by Nokubonga Guliwe