Starfish
Igama Elijwayelekile
i-Starfish
Isidlaliso
i-Seastar
Igama lesayensi
Asteroidea
Usayizi
Ungafinyelela ku-1 m.
Isakhiwo Saso
Sinomzimba oyisicaba ohlangene nezidladla zayo. Inezidladla eziyisihlanu noma ngaphezulu okungaba wu-24. Sinomlomo osesiswini. Sinezinyawo ezinde. Amanye anamaqhuzu emzimbeni nasezandleni. Imibala yawo kuba ngonsundu, omnyama, omhlophe, owolintshi, ophuzi nobukhwebezane.
Olunye Ulwazi
I-asteroidea ingena gaphansi komndeni we-Echinodermata nolunye uhlobo lofishi abahlukene. Uhlobo oluhamba kancane, oluhlala ngaphansi kwamanzi. Siyakwazi ukuhlumisa izingalo ezintsha uma zinqamukile ezindala. Amanye akwazi ukuphenduphendula isisu ngaphakathi uma efuna ukugaya ukudla okungaphakathi. Izalelela emanzini amaningi njengolwandle.
Ukudla
Sidla iminenke, izimbada, izimbaza, ofishi abancane nemfucumfucu.
Ukusabalala Kwaso
Sitholakala kuzona zonke izilwandle emhlabeni.
Uhlobo Olujwayelekile
Granulated seastar - Choriaster granulatus
Pincushion starfish - Culcita schmideliana
Red seastar - Linckia laevigata