Springhare
Isandulane

© Nigel Dennis

Igama

Isandulane [Pedetes capensis]

Isigeniso

Igama laso lesintu liyadidana, Isandulane uhlobo lwesilwane esincane. Abantu abanini bayasizingela basidle isandulane.

Ibonakala Kanjani

Ikhanda nomzimba wesandulane unobude onobude obungu-400 mm nomsila ongu-440 mm. Inesisindo esingafiinyelela ku- 3kg kanti isona sodwa esikhulu esigxumayo ohlotsheni lwe-bipedal rodent kuleli. Izinyawo zangaphambili zimfishane kuthi ezangemuva zibezinde, iziphathisa okwe-kangaroo emfishane.
Zinezindlebe ezinde nakhanda elifana nelikanogwaja. Umzinga wangenhla unombala onsundu. Zinomsila omyamana ekugcineni. Kuthi ezansi zibe nombala owolintshi oya ubemhlophe, ngasenhla inombala onsundu. Ubulili bobubili buyafana.

Zidla Nhloboni Yokudla

Isandulane sidla izimpande zotshani, amacembe bese sidla notshani obuluhlaza siphuze namanzi. Sihamba ngezinyawo ezine uma sikha ukudla, kephaszihlala ngezinyawo zangemuva um szidla khona sizokwazi ukuhlukanisa ukudla ngezinyawo zangaphambili.

Mayelana Nokuzala

Isandulane asinaso isikhathi sokuzala esibekiwe onyakeni, Szala umdlwane owodwa emuva kokumitha izinsuku ezingu-77. Sikwazi ukuzala kathathu onyakeni. Sizalwa sinoboya ezikhwameni ezakhelwe emzimbeni wezesifazane. Sizalwa sibona sizihambela. Imidlwane yaso iphila ngobisi eluncela kunina wayo amaviki ayisikhombisa, inesisindo esingu-1.3 kg. Siqala ukwenza imidlwane uma sinezinyanga ezingu-8.

Iindlela Esiphila Ngayo

Ngalezi zinyawo ezinde zangemuva sikwazi ukugijima ngejubane uma sibalekela izitha njengezinyoni ezisidlayo nezingulule. Siphila kangcono ezindaweni ezinotshani obufishane, lapho kunezithelo khona nasesihlabathini lapho sizithukusa khona uma silala.

Sitholakala Kuphi

Ngaphandle kogwadule nasehlathini, isandulane sitholakala ezindaweni eziningi eNingizimu Africa. Sithanda izindawo ezivulekile ezingemanzi kakhulu nezingomanga kakhulu.

Amaphuzu Abalulekile

Isandulane sisizingelwa abantu abaningi basidle e-Afrika yonke ngenxa yaloko isimo sazo sibalulekile izwe lonke.