Slipper Lobster
Isikhuphashe

© Johan Boshoff

Igama Elijwayelekile

i-slipper lobster (Isikhuphashe)

Igama lesayensi

Scyllaridae

Usayizi

Ungafinyelela ku-50 cm, ngokujwayelekile kuba wu-25 cm.

Isakhiwo Sayo

Inezimpondo ezimbili ezibukeka njengehalavu. Umzimba omude njengowezikhuphashe ezijwayelekile. Imilenze emihlanu ehamba ngamibili ngasesifubeni. Sikwazi ukuzifihla kalula ngenxa yemibala yaso ensundu nekhanyayo. Amanye aba nombala obomvu, oluhlaza sasibhakabhaka, imithende namabala amnyama.

Olunye Ulwazi

Umndeni we-scyllaridae unezizukulwane eziyisishiyagalombili nezinye izinhlobo eziwu-71. Uhlobo lwezilwane ezihlale zixwayile. Akwazi ukuzifihla esihlabathini ukuzivikela. Avamise ukutholakala ezindaweni ezinesihlabathi nemfucuza. Azalela emanzini amaningi.

Ukudla

Adla izilwane ezingenamathambo, izikhuphashe nemisundu.

Ukusabalala Kwawo

Sitholakala ezindaweni ezifudumele emhlabeni jikelele.

Uhlobo Oluvamile

Ridged slipper lobster (Scyllarides nodifer)
Shoveller crayfish (Scyllarides elizabethae)
Spanish slipper lobster (Scyllarides aequinoctialis)