Shrimpfish
Igama elijwayelekile
i-Shrimpfish
Igama lesayensi
Centriscidae
Usayizi
Ungafinyelela ku-15cm, ngokujwayelekile kuba wu-10cm.
Isakhiwo Sayo
Inomzimba omncane, omude onamazenga anamathambo. Ithambo lokuqala elisemgogodleni lide futhi licijile, lingasemuva emzimbeni. Inamanye amathambo angeziwe. Umbala wayo uhlukile obandakanya imigqa emihlophe nemnyama namabala aphuzi namnyama ekhanda.
Olunye Ulwazi
Umndeni we-centriscidae unezizukulwane ezinhlanu nezinye izinhlobo eziwu-13. Uma ibhukuda ishonisa ikhanda phansi. Itholakala ezixhotsheni zamatshe nasendaweni ezinotshani ngasolwandle. Ucutha ngokusebenzisa utshani obusolwandle uma ufuna ukubamba inyamazane. Izalelela emanzini.
Ukudla
Idla amabibi amancane asehlathini.
Ukusabalala Kwayo
Itholakala ezindaweni ezifudumele emhlabeni wonke.
Uhlobo Oluvamile
Grooved shrimpfish (Centriscus scutatus)
Shrimpfish (Aeoliscus strigatus)
Speckled shrimpfish (Aeoliscus punctulatus)