Scorpionfish
I-Scorpionfish

© Jean Tresfon

Igama elijwayelekile

i-scorpionfish

Isidlaliso

ama-stibgers, ama-reef stonefish

Igama lesayensi

Scorpaenosis

Usayizi

Ungafinyelela ku-40cm, ngokujwayelekile kuba wu-30cm

isakhiwo sawo

Abonakala ngomzimba wawo onganakekile, owenza kube lula ukuzifihla. Anomlomo omkhulu phambili ekhanda. Ikhanda lakhona liyisicaba namazenga okuzivikela. Imibala yawo ihluka ngokwezindawo akuyo, okubalwa kuyo onsundu, obomvu, owolintshi, ophuzi, okhanyakhanyayo nomhlophe.

Olunye Ulwazi

Lolu hlobo lukafishi lunezinye izinhlobo eziwu-26. Kwesinye isikhathi luphanjaniswa ne-stonefish. Lutholakala kakhulu ezixhotsheni futhi wuhlobo oluvamise ukuba sendaweni eyodwa kakhulu. Lukhipha into esambani uma luphazamiseka ndlela thile. Uma lubamba inyamazane luyidonsa ngolimi luyimimilite. Udosi lwalo lubuhlungu kakhulu, kodwa alubulali. Luzalela emanzini amaningi.

Ukudla

Ludla ofishi abancane nezilokazane zasolwandle.

Batholakala kuphi

Lolu hlobo lutholakala kuzo zonke izindawo ezifudumele emhlabeni.

Uhlobo oluvamile

I-Devil scorpionfish
I-Scorpaenopsis diabolus
I-False stonefish
I-Centrogenys vaigiensis
I-Raggy scorpionfish
I-Scorpaenopsis venosa