Sable

© Nigel Dennis

Igama

I-Sable [Hippotragus niger]

Ukubukeka

Le nyamazane yisilwane esihle. I-Sable uyibona ngesikhumba sayo esimnyama, nesisu nobuso okunamabala amhlophe. Eyesifazane inamathole ansundu ngombala. Bobubili lobulili bunoboya entanyeni.
Ubude beyesilisa ukusuka emahlombe wu-1.4m, isisindo wu-270kg. eyesifazane yona incane. I-Sable inezimpondo ezicijile ezinde futhi ezibheke emuva. Lezi zimpondo ubude bazo bungafinyelela ku-1.2m.
Izimpondo zeyesifazane zimfishane kanti futhi zincane kunezeyesilisa. Eyesifazane inamathole aqala ukubonakala uma esenezinyanga ezimbili.

Adlani

Zidla utshani. Zithanda kakhulu utshani obubomvu, i-Brachiara, i-Urochloa nePanicum. Lesi silwane sidla utshani obude namathambo ezilwane ezifele esigcakeni.

Azala

Imazi ilungela ukukhwelwa uma isineminyaka emithathu. Izala ithole layo lokuqala, emveni kwezinsuku eziwu-270. Isisindo sethole siba wu-17 kg.
Ithole liye lifihlwe endaweni enotshani obude, emveni kwamasonto amabili okuqala lizelwe. Inkomazi iye ilivakashele uma iyolincelisa. Ithole liqala ukudla utshani uma seliyekile ukuncela lapho selinezinyanga ezisishiyagalombili.

Aphila Kanjani

I-Sable iba matasa ekuseni. Ntambama iphuza amanzi. Lezi zinyamazane imihlambi yazo iyahlukana ngobukhulu. Ngenkathi yokuzala, izinkomazi ezimithi ziye zizikhethe ziqale umhlambi wazo zodwa.
Ebusika lezi zilwane ziye zihlangane ezindaweni ezifana neziganga. Izinkunzi ezindala, ziye zixoshe ezisencane uma zifuna ukuhlala nomhlambi osulungele ukukhwelwa.

Zihlala

Zithanda izimfunda ezomile, amahlathi neziganga, lapho eziye zidle khona utshani obungebude kakhulu.

Zitholakala Kuphi

Lezi zilwane aziseziningi njengasemandulo. ENingizimu Afrika zitholakala eKruger National Park. Lezi zilwane ziyalondolozwa nakwezinye izindawo lapho ezazitholakala khona kudala, lokhu kwenzelwa ukuthi ziphinde zande.