Reedbuck

© Roger de la Harpe

Igama

I-Reedbuck (Redunca arundinum)

Abonakala Kanjani

Ama-Reedbuck anesisindo esiwu-70kg, izinqama zinamahlombe awu-950mm ubude. Izimvukazi zincane ubude bamahlombe azo ngu-800mm kanti isisindo sazo wu-51kg.
Izisu zalezi zilwane zimhlophe. Umsila wazo mkhulu futhi umnyama bese uba mhlophe lapho uphela khona. Izinqama yizona kuphela ezinezimpondo, ubude bazo wu-450mm.

Adlani

Lezi zilwane zidla utshani. Uma bungekho utshani, ziye zidle amakhambi. Isimo uma sisibi ziye zidle ntambama noma kuyizilwane eziphuma ebusuku.

Azalana Kanjani

Imvukazi izala okokuqala emveni kwezinyanga eziphakathi kuka-15 no-18. Inqama yona ilungela ukuzalisa uma isineminyaka emibili.
Lesi silwane sizala noma yinini onyakeni, ikakhulukazi ehlobo. Imvukazi imitha izinsuku eziwu-225, bese izala izinyane elilodwa.
Amazinyane aye afihlwe (ukuwavikela ezitheni) akhishwe emuva kwezinyanga ezintathu.

Aphila Yawo

Le nhlobo yalezi zilwane iye ibe nemindeni emincane. Uma zibaleka ziphakamisa umsila, uma zenze njalo kubonakala ingaphansi lazo elimhlophe. Ama-Reedbuck anesikhwele ngamasimu awo.
Izinqama zithandana nemvukazi eyodwa, futhi ziyayivikela ngakho konke ezinakho kwezinye izinqama. Izimvukazi uma sezindala ziye ziwushiye umhlambi, ziyoqala owazo umndeni. Izinqama ezisencane ziyayekwa zihlale nomndeni wazo zize zibe neminyaka emithathu. Ama-Reedbuck yiznhlobo ze-Mountain Reedbuck.

Ahlala Kuphi

Lezi zilwane zithanda ukuhlala endaweni enotshani obumanzi. Ngebhadi-ke, izindawo ezinjengaleyo azisekho ziningi, lokhu kwenza inani lamaReedbuck lehla.

Atholakala Kuphi

Namuhla lezi zilwane zitholakala eKruger National Park, nangasezilwandle zase-St Lucia endaweni okugcinwa kuyo izilwane eHluhluwe, KwaZulu-Natali.