Red Grass

© Shem Compion

Igama

Red grass

Igama lesiLatini

Themeda triandra

Ukusetshenziswa

Lobu tshani buyakwazi ukubekezelela umlilo, yingakho bandile emadlelweni ajwayele ukuhlaselwa wumlilo ― uma izilwane zingabudli kakhulu. Uma ubona i-Red Grass lokho kukhomba ukuthi umhlabathi wakuleyo ndawo muhle noma uvundile.

Incazelo

Lobu tshani bungakhula buze bube yimitha elilodwa nohhafu ubude. Buyiziqundu ezihlala izikhathi eside futhi bunamaqabunda angamamilimitha ayisishiyagalombili ubukhulu. Itshakaza inezimbali ezilengayo ezimise okwebhaxa. Izilwane lobu tshani zikwazi ukubudla kahle ehlobo ngoba ebusika buyajika bube bomvu, buqine.

Indawo obukhula kuyo

Utshani i-Red Grass buyinala emadlelweni nasemathafeni ezindaweni ezithola imvula efanele. Buvamile ezindaweni ukuphakama kwazo okungamamitha ayi 1300–3000 ukusuka emanzini olwadle. Bukhula kulo lonke uhlobo lomhlabathi kodwa bande kakhulu ezindaweni ezinobumba. Lobu tshani busabalele eningizimu nasempumalanga ye-Afrika nakwamanye amazwe omhlaba.

Izimbali

Isikhathi sokuqhakaza izimbali yiphakathi kukaMfumfu noNtulikazi.

Olunye ulwazi

Utshani i-Red Grass bungenye yezinhlo zotshani ezibalulekile kubalimi, bondla ngabo imfuyo ngoba bunomsoco. Lobu tshani buphinde budliwe nayizinhlobo ezithile zezinyoni. Eningizimu Afrika budume ngegama lesiBhunu elithi Rooi Grass.