Needlefish

© Johan Boshoff

Igama

Needlefish

Isiteketiso

Houndfish, Halfbeaks

Igama lesayensi

Belonidae

Ubude

Ejwayelekile ingamasentimitha angama-30, kodwa ingakhula ize ifike kwangama-95.

Ibonakala Ngani

Lena yinhlanzi ende enomzimba omise okwesigazo nekhanda elicijile. Inemihlathi emide namazinyo angameva. Wonke ama-fin ayo alele abheke emuva, kayinawo awaseqolo. Inomzimba ongumbala oyisiliva ohambisana nemibala oluhlaza sasibhakabhaka, omnyama noluhlaza ngaphezulu.

Ulwazi Olwejwayelekile

Umndeni wezinhlanzi owaziwa nge-Belonidae unemikhakha elishumi nezinhlobo ezingama-34. Le nhlanzi ivame ukubonakala ngaphezulu kwamanzi olwandle. Umbala wayo wenza icishe ifane namanzi, ingasheshi ukubonakala. Uma yethuka le nhlanzi inakho ukugxuma ngaphezulu kwamanzi. Umlomo noma umhlathi wangaphezulu ulokhu ukhula ize ibe ndala. Uma izalela amaqanda iyawasaphaza bese enamathela kunoma yini entantayo.

Ukudla

Idla oshobishobi, izinhlanzi ezincane, izinkalankala namashebenisi.

Indawo

Itholakala olwandle ezindaweni ezinamazinga okushisa akahle nezinamazinga okushisa aphezulu.

Izinhlobo Ezejwayelekile

Tropical halfbeak - Tylosurus crocodilus