Narrow-leaved Turpentine Grass
Igama
Narrow-leaved Turpentine Grass
Igama lesiLatini
Cymbopogon plurinodis
Ukusetshenziswa
Lobu tshani izilwane eziningi azithandi ukubudla ngenxa yamafutha abo abenza bubabe emlonyeni. La mafutha anamakhemikhali ayi-17, okubalwa kuwo i-piperitol ne-delta-nerolidol.
Incazelo
Lobu tshani, obukhula bube yisiqundu, bunamaqabunga angamamilimitha amabili kuya kwamahlanu ubukhulu. Intshakaza yalobu tshani inezimbali ezingaba yizishiyagalombili. Lobu tshani abudleni nhlobo ezilwaneni ngaphandle uma busanda kuhluma.
Indawo obukhula kuyo
I-Narrow leaved turpentine grass ikhula emadlelweni nasezindaweni ezivulekile ezingamathafa. Lobu tshani bukhula kulo lonke uhlobo lomhlabathi, yize buthanda ovundile lapho bukhula busabalale. Butholakala ezindaweni eziningi kwelase-Afrika.
Izimbali
Lobu tshani buqhakaza izimbali ngoMfumfu kuya kuNhlaba.