Martial Eagle

© Shem Compion
Martial Eagle.

Igama

Martial Eagle

Ukubukeka

Lolu wukhozi olukhulu kunazo zonke e-Afrika futhi lunamandla kakhulu. Lungakwazi ukugingqa phansi indoda esikhulile. Ngonyawo olulodwa kungakwazi ukwephula ingalo yomuntu. Lolu khozi lunesisindo esingamakhilogremu ayi-6.5. Le nyoni ingakhula ize ibe ngama-32 ama-intshi ubude kanti amaphiko ayo acishe afike kumamitha amabili ubude. Ingaphezulu layo linombala onsundu kakhulu kuthi esifubeni ibe mhlophe namachashaza amnyama. Imilenze nayo mihlophe bese izoba nezinzwane ezinde. imilenze imhlophe futhi inezithende ezinkulu kakhulu. Encane ibukeka yehluke kakhulu kwesikhulile.

Ukudla

Kwezinye izindawo izinyoni ziyingxenye ebalulekile yokudla kwalolu khozi - kuhlanganisa nama-guineafowl, ama-francolin, ama-gardard, nezinkukhu. Izinyoni ezinkulu njenge-European Stock zike zibe yizisulu ze-Martial Eagle. Kwezinye izindawo lolu khozi ludla izilwane ezincelisayo, ikakhulu i-hyrax nezinyamazane ezincane. Izilwane ezinkulu ngangethole lenyamazane nezinkawo nazo aluzibheki lolu khozi. Kwesinye isikhathi kuyathukela luthathe izimbuzi neziklabhu. Kwesinye isikhathi luyazidla nezilwane ezidla ezinye ngengojakalase, amakati nama-mongoose. Luyazidla nezibankwa nezinhlobo ezithile zezinyoka. Le nyoni singathi idla yonke into eyisilwane ekwazi ukuyibulala. Kodwa okuqaphelekayo ngayo wukuthi kayiyidli ingcuba.

Ukuzalela

Izidleke zakhiwa njalo ezihlahleni ebangeni elingamamitha ayisithupha kuya kwayisi-24 ukusuka emhlabathini. Kuvamile ukuthi yakhe esihlahleni esikhulu kunazo zonke kuleyo ndawo, imvamisa ezindaweni ezibamagquma nezintaba. Lezi zinyoni ziyakwazi ukuhlala ngambili esidlekeni esisodwa. Zakhiwe zavuleka ngamamitha amane ukuya kwasithupha ngapha nangapha. Zenziwe ngezinti ezinkulu namahlamvu aluhlaza. Lezi zidleke zinakho ukuhlala isikhathi eside izinyoni zizisebendise ngokudedelana. Isikhathi sokuzalela kungaba singaba ngezikhathi zemvula noma inkathi yesomiso. Uma le ntoni ifukamela ithatha izinsuku ezilinganiselwa kuma-45.
Ukhozi oluseluncane lubuthakathaka kakhulu, kodwa luyaqala ukusebenza emuva kwezinsuku ezingama-32, lapho lusuke seluqala ukuba nazo nezimphaphe. Emuva kwezinsuku ezingama-70 lusuke selwembozeke lonke yizimpaphe. Ukhozi oluseluncane luyafunzwa luze lube nezinsuku ezingama-60 ubudala futhi selunezimpaphe ezimboze umzimba wonke. Ngales isikhathi lusuke selukwazi ukuzifunela ukudlwa kwalo. Ezinsukwini zokuqala ezingama -50 ukhozi oluyisilisa luye lulethele oluyisifazane ukudla ngesikhathi kugade iphuphu. Ukhozi oluseluncane luhlala esidlekeni luze luqede izinyanga eziyisithupha.

Ukuziphatha

Lolu khozi, olukhulu kunawo wonke, lutholakala emahlathini anameva nasemathafeni anotshani e-Afrika yonkana. I-Martial Eagle ichitha isikhathi esiningi ihlezi esihlahleni, kanti ivame ukuzingela ngo-10 ekuseni. Lokhu kuziphatha kuyehla kusukela uma sekushaye elesithathu ntambama kanti futhi kulawulwa amaziga okushisa. Ama-Martial eagle anakho ukucutha kodwa akwejwayelekile. Asebenzisa isivinini uma ezingela kanti izisulu ziyadideka ukuthi zibalekele ngakuphi.

Zitholakala kuphi

Lolu hlobo lokhozi lutholakala ezindaweni ezingamahlathi anameva nasemathafeni eningizimu yeSahara, eAfrica, kusukela eSenegal kuya eSomalia naseKapa. Luphinde lutholakale nasemathafeni athanda ukuba lugwadule, kaluvamile emahlathi yize nakhona lubuye lubonakale.

Igama lesiLatini

Polemaetus bellicosus