Indawo Evikelekile Yokulondoloza Emnceleni we-Limpopo-Shashe
Iphupho likaDongola
NgoNhlangulana ka-2006, iNingizimu Afrika, iZimbabwe neBotswana zasayina isivumelwano (MOU) esichaza ukuzibophezela kwabo kanye nenhloso yokwakha indawo evikelekile ezolondolozwa eminceleni-iLimpopo-Shashe Transfrontier Conservation Area (TFCA). Lokhu kuzoba yiMapungubwe National Park, enyakatho, iTuli Game Reserve eBotswana neTuli Circle eZimbabwe - indawo engama-136 900ha. Ezinye izingcezu zomhlaba eziningi nazo zisacatshangelwa. Indaba eyaqala ngoJan Smuts 'iphupho’ likaDongola sifezeka.
Eminyakeni yamuva, umqondo wokudala izindawo zokulondolozwa indawo emnceleni ezihamba phambili uye wathandwa kakhulu, ngenxa yokukhula kokuvakasha kwezomvelo njengemali ethembekileyo esiza umnotho wesizwe sonke. Le nqubo iqhutshwe yizinhlangano eziningana, kuhlanganise ne-Peace Parks Foundation, ne-Afrika eseningizimu inenhlanhla ngokwanele yokuba inezindawo eziningi ezivikelwe ezithinta imingcele yezombangazwe. Lezi zihlanganisa: I-Greater Limpopo (phakathi kweKruger neMozambique), i-Ai-Ais-Richtersveld (phakathi kweNingizimu Afrika neNamibia), iKgalagadi (phakathi kwe Ningizimu Afrika neBotswana), i-Maloti-Drakensberg (ephakathi kweNingizimu Afrika neLesotho), iLubombo (phakathi kweNingizimu Afrika, Swaziland naseMozambique), kanye nendawo ephakathi kweMalawi neZambia. Manje sekukhona iLimpopo-Shashe.
Ukuvikelwa Okuphelele
Lezi ndawo zokulondolozwa ziyigugu kakhulu ngoba zisusa ucingo futhi zivumela ukunyakaza kwamahhala kwezilwane (kanye nabavakashi) kuwo wonke umhlaba omkhulu. Isinyathelo esivela phakathi kweNingizimu Afrika, iBotswana ne Zimbabwe yisiqalo esikhulu kakhulu ekuvikeleni okuphelele nokuvuselelwa endaweni yaseMapungubwe. Kukhona ngisho nezinhlelo zokufinyelela ku-UNESCO bese kucelwa ukwandiswa iMapungubwe ukufaka indawo elondoloziweyo ebanzi.
Futhi umuntu angacabanga kuphela izimangaliso zaseLimpopo-Shashe TFCA. Abavakashi bazokwazi ukuthola ifa lasendulo lamaMapungubwe, bese bewela esigodini seTuli bebone izilwane ezinhlanu ezinkulu, bese beya eZimbabwe ukuvakashela amadolobhana omphakathi kanye nemiphakathi yefa ethile ephilayo. Kukhona futhi izindawo eziningana ezingaziwa zakudala eBotswana, zilinde ukuhlolwa.
Translated by Nsika Khoza