Hartmann's Mountain Zebra

© Peter Delaney

Igama

I-Hartmann's Mountain Zebra (Equus zebra hartmannae)

Ibonakala kanjani

Awukho umehluko omkhulu phakathi kobulili bobubili, ngale kokuthi amaduna makhulu, avama ukukhula afinyelele ku-298kg kanti izinsikazi ziba wu-276kg. Izinkunzi ziwu-1.5, emahlombe, nomsila owu-500mm nezindlebe eziwu-280mm ubude. Ukuze akwazi ukumelana nezindawo ezimahhadla, izinselo zawo zikhula ngamandla. Umehluko phakathi kwalolu hlobo neCape Mountain Zebra wumzimba, njengoba elasentabeni zaseKapa lithe ukuba lincane. Kuvame ukuthi imithende yeHartmann's ibe banzi kuneyedube laseKapa.

Adlani

Njengawo wonke amahhashi, leli dube lidla utshani ikakhulu emini. Kunendlela ehlelekile elidla ngayo, sakugwegwesa lapho lidla khona.

Azala kanjani

Alinasikhathi sokuzala, njengoba lizala unyaka wonke, noma-ke lizama kakhulu ngesikhathi sezimvula. Izinsikazi ziqala ukuzala zineminyaka emithathu. Izinsikazi ziwu-25kg uma zizalwa. Zimitha izinyanga eziwu-12. Izinsikazi eziphila isikhathi eside ngoba zivikelwa wumhlambi ezitheni. Amaduna aqala ukukhwela eneminyaka emithathu.

Aphila kanjani

Inqwaba ye-zebra yentaba yaseHartmann etholakala eNingizimu Afrika iqukethe amaqembu omphakathi amabili. Lezi yizinkomo ezizalisayo kanye nezinkomo zezilwane. Emihlambini yezinkunzi zohlobo kunenkunzi eyodwa nezinsikazi eziningi, nazo ezinendlela ezilandelana ngayo.

Zihlala kuphi

Njengoba lisho igama lazo, iHartmann's Mountain Zebra itholakala emazombezombeni ezintaba, lapho imihlambi iphila khona ezindaweni ezinamanzi notshani bokuziphilisa, ikakhulu ngesikhathi sokukhwela.

Zitholakala kuphi

Leli hhashi litholakala ezindaweni ezomile zaseNamibia, kuye kushaye e-Angola. Ithe gqwa gqwa eKunene Province eningizimu kuyoshaya empumalanga, njengoba likhomba ibalazwe. Kumanje isibalo sayo silinganiselwa ku-13 000.

Ukulumula

Izinyanga eziwu-10

Zikhwela nini

Iminyaka emibili

Isikhathi sokuphila

Iminyaka ewu-25

Isimo

I-Hartmann's Mountain Zebra wuhlobo olusengcupheni yokushabalala, ikakhulu i-E. z. hartmannae ne-E. z. zebra.

Eminye imininingwane

Kunomqondo ovamile wabongi bezemvelo othi iCape Mountain Zebra neHartmann's Mountain Zebra kufanele zihlukaniswe ngokohlobo ngenxa yokuhluka kwezindawo ezitholakala kuzo kodwa ufuzo luthi yizihlobo zegazi.