Eagle Ray
Igama
I-Eagle ray
Ezinye izinhlobo zayo
I-Bonnet, iSmooth-tail, iManta, iCommon, Bull, iCownose neDevil
Igama lesayensi
IMyliobatidae
Ubude
Amaphiko ayo angakhula aze afike emamitheni amathathu.
Ibonakala ngani
Le yinhlanzi enomsimba osandilinga namaphiko amise okukanxantathu. Ingaphezulu layo limnyama ngokumpunga kanti kwesinye isikhathi liyaba magqabhagqabha. Ngaphansi imhlophe. Amehlo ale nhlanzi asemaceleni ekhanda.
Ulwazi olwejwayelekile
Umndeni wezinhlanzi i-Myliobatidae unemikhakha eyisikhombisa nezinhlobo eziwu-42. Lezi zinhlanzi, ezinomsila omude kunomzimba, ziyashwibeka uma zitshuza emanzini. Ezinye zalezi zinhlanzi, njenge-Eagle ne-Bull Ray, zinekhala elicijile nomlomo ophusheke phambili. Ibamazinyo anamazenge asebenza ukufahlaza ukudla. Lezi zinhlanzi aziwazaleli amaqanda, zizala izinhlanzi ezincane.
Ukudla
Idla izinhlalankala, amashebenisi, iminenke nezinye izilwanyana zasemanzini.
Zitholakala kuphi
Itholakala olwandle ezindaweni ezinamazinga okushisa akahle nezinamazinga ashisa kakhulu.
Izinhlobo ezejwayelekile
Eagle ray - Myliobatis aquila
Flapnose ray - Rhinoptera javanica
White-spotted eagle ray - Aetobatus narinari