Dottybacks

© Johan Boshoff

Igama Lomndeni

Dottybacks

Igama leSayensi

Pseudochromidae

Usayizi

Ifikela ku 50cm, Ivamise ukuba 8cm

Isakhiwo

Lolu hlobo lwenhlanzi lunomzimba owumbhoxo onesigwedlo emhlane esiyisiza uma iphenduka emanzini. Incane kuya kwesingenzansi bese iba nezinsebe ezibanzi zokugwedla ngasemsileni. Ubulili balezi zinhlanzi buzenza zibukeke ngokwehlukile ngokwemibala. Le nhlanzi inomzimba onemibala egqamile ekhangayo, osawolintshi nobukhwebezane. Umbala omnyama onemigqa emhlophe nephuzi nawo futhi ujwayelekile kulolu hlobo lwezinhlanzi.

Olunye Ulwazi

Umndeni wePseudochromidae – uhlukene izigaba eziwu-16 ube nezinhlobo ezehlukene eziwu-98. Le zinhlanzi zitholakala emifantwini nasezingoxweni lapho kugcwele khona amabibi. Lezi zinhlanzi ziyayazisa indawo yazo azifuni lutho ngayo.
Ziqukethe ubulili obubili kanye kanye. Eyesifazane ikhiqiza inqwaba yamaqanda bese eyesilisa ishiya imbewu, iwagade aze achamisele. Ezinye izinhlobo zalezi zinhlanzi zimumatha amaqanda ngomlomo aze achamisele.

Zidlani

Lezi zinhlanzi zidla ulwelezi nezinkalankala ezincane nesidadada.

Zitholakala Kuphi

Lolu hlobo lwezinhlanzi lutholakala olwandle olufudumele.

Uhlobo Olufanayo

Bicolour dottyback - Pictichromis paccagnellae
Sankeys dottyback - Pseudochromis sankeyi
Dark dottyback - Pseudochromis pesi