Lebombo Aloe
Lebloe Aloe

Igama

Lebloe Aloe

Igama lesiLatin

Aloe spicata

Incazelo

Lena yinhlama enesiqu esifushane enamaqabunga azacile acijile. Umbala wamaqaqunga uluhlaza lokhu okuphashile, aphinde abe nokubombu uma esendaweni enelanga. Anameva amancane emaceleni futhi anoketshezi oluthanda ukuba phuzi olunamfukayo phakathi. Lolu ketshezi lusetshenziselwa ukwelapha kusukela emandulo.

Amaqabunga agcina amanzi isikhathi eside okwenza lesi sitshalo sikwazi ukumelana nesomiso. Izimbali ziphuma esiqwini kanti ukuma kwazi zithanda ukuba yimigxusha. Lesi siqhaka izimbali ebusika futhi umbala wazo uthanda ukuba phuzi. Okwenza izilwane zingasidli lesi sitshalo yingenxa yaveka emaqabungeni nokubaba koketshezi lwaso.

Indawo

I-Aloe Spicata ikhula emagqumeni nasemadwaleni eMpumalanga naseLimpopo, eNingizimu Afrika, kanjalo naseMozambuque naseZimbabwe. Izinhlobonhlobo zayo zigciniwe eKruger National Park.

Ulwazi olwengeziwe

Yize ivame ukutholakala ezindaweni ezindaweni ezinamatshe, i-Lebombo Aloe ingakwazi ukuphila kunoma yiyiphi indawo. Ziyatholakala ezindaweni ezinezimo ezehlukene kusekela ezintabeni kuya emathafeni. Lesi sitshalo sijwayelekile ezindaweni lapho sihluma khona.