Zebra
Idube

© Shem Compion

Isingeniso

Kunezinhlobo ezimbili zamadube eNingizimu ye-Afrika. Enye ibizwa nge-Plain noma i-Burchell’s Zebra bese kuba namaMountain Zebra (idube lezintaba). Njengoba amagama esho, aqhamuka ezindaweni ezihlukene.
Lawa avame ukubonakala ewumhlambi lapho kunezintaba khona. Inhlobo yesithathu yedube, itholakala eMpumalanga Afrika, yona ibizwa nge-Grevy’s Zebra.

Burchell's Zebra

I-Burchell’s Zebra iyona evame kakhulu e-Afrika kanti uma ihlukaniswa iba yizinhlobo eziyisikhombisa. I-quagga, eyase ishabalele, ingaphansi kohlobo lwe-Plain. Ososayensi bazama ukuyibuyisa ngosebenzisa ulibofuzo lwamadube akhethekile.
Lolu hlelo lwaba yimpumelelo kakhulu ngoba ama-quagga amaningi manje abonakala ezulazula emathafeni.

Idube Lezintaba

Njengoba igama lisho, le nhlobo yedube itholakala ezindaweni ezisenyakatho eNtshonalanga Kapa naseMpumalanga Kapa eNingizimu Afrika nasogwadule ezintabeni zaseNamibia.
Lincane kunedube i-Burchell. Idube lezintaba liwuhlobo olubili oluncane, iCape Mountain Zebra ne-Hartmann's Mountain Zebra

Ulwazi Olubalulekile

Awekho amadube amabili anemigqa efanayo, njengamanyela eminwe yabantu, nemigqa yamadube ayifani. I-Burchell yisilwane sesizwe saseBotswana kanti iwuphawu lwesizwe lwakhona.