Wild Dagga
Umunyane

© Roger de la Harpe

Igama

Umunyane noma umsila webhubesi

Igama lesiLathini

Leonotis leonurus

Incazelo

Umunyane yisihlahla esingeside esineziqu ezine eziyizikwele uma zihlutshiwe. Amaqabungu ahamba ngamabilil, angaba mancane noma banzi kanti anameva. Avama ukuba noboya. Izimbali zisemakhanda asagalofu anamave nezimbali eziwolintshi. Zihlukene kabili.
Izinyoni zivame ukudla impova yezimbali zakhona. Isikhathi sokuthela komunyane yihlobo nentwasahlobo. Nakuba amaqabunga awo efaniswa nensangu kodwa awenzi umsebenzi wayo kodwa ayabhenywa ukwelapha izifo ezithile.

Utholakala kuphi

Umunyane ukhula ezimfundeni nasezikhotheni kanti eNingizimu Afrika utholakala eLimpopo nase Kruger National Park.

Eminye imininingwane

Umunyane kukhona owaziwelwa khona kokwelapha kanti izizwe ezihlukene ziwusebenzisela izinto ezehlukene, njengokudambisa izinhlungu nokwelapha umkhuhlane. Kunezithako odume ngazo ezelapha uhlobo oluthile lukashukela, isithuthwane, ukopha nokuqunjelwa.