Weeping Boer Bean

© Roger de la Harpe

Igama

Weeping Boer Bean [Schotia brachypetala]

Amanye amagama

Huilboerboon, Tree Fuchsia, and African Walnut

Isingeniso

Ubuhle bezimbali zalesi sihlahla ama-calyces, stamens nama-pedicels aso agqamile. Izimbali zikhiqiza umpe omningi, ochichimayo noma ‘okhalayo’. Yingakho igama layo kuthiwa yi-Weeping Boer bean noma i-Huilboerboon ngesiBhunu.

Incazelo

I-Weeping Boer Bean yisihlahla esihle futhi esingasikhulu kakhulu. Sibanzi futhi sinamagatsha amaningi anxazonke. Ngenye inkathi siba namagatsha aphansi. Ubude balesi sihlahla buyafika kumamitha angama-22, kodwa avamile ukubali-11 ukuyosho kwi-16 lamamitha ububanzi bona li-15 lamamitha. Isiqu asisheleli futhi sinsundu na ngwevu ngokombala. Sinamaqabunga amaningi ahamba ngane noma ngasithupha, anomkhawulo ogoqene.
Isithelo siba bomvu nasathusi umae sisesincane. Siyashintsha siqale ukuba luhlaza sakuba nsundu uma sesisidala. Lesi sihlahla sivamile ezindaweni ezifudumele. Ebusika amaqabunga aso ayavithika abuye ahlume entwasahlobo.

Izimbali

Lezi zmbali zingumbala obomvu ojulile futhi zihluma zibe ningi egantsheni elidala entwasahlobo (Ncwaba kuya kuLwezi). Ukuqhakaza kwaso akwenzeki njalo, kuyenzeka uthole esinye siqhakazile kodwa esinye singaqhakazile. Lokhu kungaqhakazi njalo kwaso yinto enhle kakhulu ezinyonini ezithanda umpe waso ngoba lokhu kusho ukuthi kuhlezi kukhona ukudla.

Izithelo

Isithelo salesi sihlahla siyibaca futhi sibukeka ngathi siqinile. Umbala waso unsundu futhi igobolondo laso linembewu ubukhulu bayo ekungama-20mm, futhi imbewu inombala ophuzi ongacacile. Amagobolondo ahlukana esesesihlahleni, futhi avuthwa uma sekuphela ihlobo ukuya ekwindla (Nhlolanja kuya kuNhlaba).

Ukusetshenziswa

I-Schotia brachypetala iheha izinyoni nezinambuzane ngakho-ke iyisidleke esidlezi simatasa uma iqhakazile. Nezinyoni ezidla izinambuzane ziyahehwa yilesi sihlahla. Izinkawu, izimfene nama-starling kuyazithanda izimbali zalesi sihlahla. Izinkawu ziye zidle izimbewu, izinyoni zidla umphandle wembewu (i-aril). Amaqabunga aphequzwa yizilwane ezifana nobhejane. Lesi yisihlahla esilungele ukuhlotshiswa ngaso, kodwa ziningi ezinye izindlela esisetshenziswa ngayo njengokwelapha ibhabhalazi nesilungulela. Ingxube isetshenziswa ekuhlanzeni igazi nokwelapha uhudo. Imbewu uma ithosiwe iyadliwa. Yize ingenawo neprotheni eningi kodwa zinama-carbohydrate amaningi.
Abantu base-Afrika naseYurophu kuthiwa babethosa imbewu yamagobondolo bayidle, lokhu bakufunda kubaThwa. Isiqu kwenziwa ngaso udayi obomvu noma omaruni. Izinkuni zalesi sihlahla ziyikhwalithi enhle kepha zikulungele ukwenza ifenisha. I-sapwood inombala ophinki sangwevu, ihlala isikhathi eside uma ilashiwe. I-heartwood insundu, futhi kungaze kub engathi ibamnyama. Iyasinda futhi akulula ukuthi idliwe wumuhlwa. Uma uyithinta iyashelela. Isikhathi esiningi kwenziwa ngayo ifenisha nomgangatho. Kuthiwa ilungele ukwakha zonke izinhlobo zezinqola.

Lapho ezikhula khona

I-Weeping Boer Bean ihluma ezindaweni ezomile kuma-bushveld, ama-woodland nama-srub aseduze kwemifula noma phezu kweziduli zama-termite.

Lapho ezitholakala khona

Itholakala kuma-altitudes aseMthatha e-Eastern Cape, KwaZulu-Natali, Swaziland, Mpumalanga, Northern Province, Mozambique naseZimbabwe.

Igama lesiLatini

Schotia brachypetala.
Leli gama elithi brachypetala lichaza ukuthi ‘linamacembe amafushane’ ngesi Greki, futhi lisho nokuthi linezimbali ezihlukile kunezinye izinhlobo zama-Schotia, ngoba amacembe aso anama-filaments alinganayo.