Warthog
Intibane

© Shem Compion

Igama

Intibane

Ziphila Kanjani

Yizilwane eziphila emini zifuna ukudla. Zitholakala zihamba ziyimihlambi. Zinomkhuba wokuguqa ngamadolo angaphambili uma zidla. Zilala emigodini ebusuku,zingena kuyo zihlehla nyova. Imihlambi ihlukana ngamaqembu amathathu, izinkunzi zihamba ngazodwana, zihamba ngamaqoqo angenamndeni.
Eqoqweni lemindeni kuba insikazi nemachwane. Eyesilisa ayinaqhaza ekukhuliseni amachwane futhi ayihlangani kakhulu nezinsikazi uma kungesona isikhathi sokukhwela. Ubulili bobubili bukhwelana nanoma iyiphi enye intibane ngesikhathi. Izintibane zitholakala emithonjeni ziphuza noma zidlala odakeni.

Ziphila Kuphi

Izintibane zithanda izindawo ezingamahlathi acinene.

Zitholakala Kuphi

Zitholakala ezindaweni eziningi. Kubukeka sengathi impilo yazo ayikho engcupheni eNingizimu Afrika. Ziyatholakala nasemapulazini ziyabuyiselwa kwezinye izindawo lapho ezase ziphela kuzo. Ziyatholakala naseZimbabwe, eBotswana, eMozambique, eKenya, eZambia, naseTanzania. Zithanda izikhotha ezivulekile nezindawo ezingasemithonjeni nalapho kubisha khona kuyo yonke i-Kruger National Park.

Zidlani

Ezincane zithathwa wukhozi noma impungushe, kuthi ezindala zona zidliwe yibhubesi, yimpisi, yingulule, yingwe nezingwenya.

Imininingwane Ngentibane

Igama lesiLathini: Phacochoerus africanus
Isisindo seyesilisa: Wu-45kg kuya ku-70kg
Isisindo seyesilisa: Wu-60 kuya-100kg
Isikhathi sokukhulelwa: Izinyanga ezintathu
Inani lemidlwane: Uba munye noma ibe yisishiyagalombili
Iqala nini ukwenza izingane: Ezinyangeni eziyisishiyagalombili
Isisindo izalwa: Wu-600g
Inhlobo: Artiodactyla
Umndeni: Suidae
Ijubane eligijimayo: Ngu-40km/h
Izimpondo: Wu-25cm
Isikhathi sokuzala: Umandulo kuya kuZibandlela
Imizila Yezinyawo: Izinselo ezincane kunayo, lapho inyathele khona kuyagqama enhlabathini.

Amaphuzu Abalulekile

Yizilwane ezithandekayo. Zivezwa emidlalweni yethelevishini/namafilimu yaseHollywood afana ne-The Lion King, kanti izilwane zasendle ziyathanda ukusidla.