Ukulawula Izifo Zezinkukhu

©Chris Daly

Izifo zingezinye zezingcuphe ezinkulu ekukhiqizweni kwezinkukhu, nokuholela komkhulu umphumela wokulahlekelwa ukungeniswa kwezimali emapulazini amaningi emhlabeni jikelele. Yize noma ezokwelapha ngemithi zingasetshenziswa ukwelapha ezinye zezifo, ziseningi izifo lapho kungekho khona imithi yokuzelapha (funda kabanzi ngezifo ezihlasela izinkukhu lapha).

Okwenza izinto zibelukhuni kakhulu ukuthi eziningi zalezizifo zibhebhetheka njengomlilo wequbula ngoba izinkukhu zivamise ukugcinwa ndawonye futhi zisondelane ziphinde zihlanganyele ezitsheni zokuphuzela amanzi kanye nasemabhakedeni azo okuphuza.

Indlela yokulawula izifo ekukhiqizweni kwezinkukhu ukuba kuvikelwe ukuqubuka kwazo kwasekuqaleni. Zine izindlela okungavinjelwa ngazo izifo, okubalwa kuzo iSound biosecurity, ukugoma, inhlanzeko kanye nokulawula ingcindezi.

Izinyathelo Zokwelapha

Abakhiqizi kumele basukume ngokushesha ngesikhathi kusavela izinkomba zokuqala zokuthi sekunesifo esesingenile ukuze bavikele ukuthi singabhebhethekeli nakwezinye izinkukhu noma kwezinye izikhathi kwezinye izilwane ngisho nakubantu imbala. Umnyango Wezemvelo Kazwelonke ululeka abalimi ukuba bahlukanise izinkukhu esezihlatshwe ukugula kulezo ezisaphila kahle baphinde baphathe ezigulayo njengento yokugcina uma bekhiqiza.

Osolwazi kanye nodokotela bempilo yezilwane kumele bathintwe zisasuka nje ukuze bezokhomba Indlela okuyiyo okumele ithathwe. Osolwazi nodokotela bezilwane bazocubungula izicubu kwezinye zezinkukhu ezigulayo futhi kungenzeka bathathe amasampula amagazi kanye namaqanda ukuze babone kahle okuyibangela yokuqubuka kwesifo.

Ukuze kuvikelwe ukuthi ngelinye ilanga siphinde siqubuke isifo, umlimi kanye nosolwazi nodokotela bezilwane kumele bahlole yonke indawo nomsebenzi okukhiqizelwa kuwo ukuze kubhekisiswe zonke izinkinga ezisengalungiseka ukuze kuvikwe ukuqubuka kwesifo kusasa.

Imithi yokwelapha izoncika ekutheni yini imbangela yesifo, kusukela kwimithi ebizwa ngokuthi ama-antibiotics kuya ekubulaweni kwezinkukhu ezihlabekile. Yize bekuye kwenzeke ukuthi abanye abalimi basebenzise ama-antibiotics ukwemboza ukwahluleka kwabo ukulawula ngendlela efanele kodwa kunenkinga esalokhu iyixhala kwabaningi ngawo ama-antibiotics yokuthi agcina engasazweli emzimbeni nokuthi lokhu sekuholele ekutheni abaningi bawasebenzise ngokuqaphela. Kwamanye amazwe abakhiqizi abasayinikezwa imvume yokuthenga lemithi engama-antibiotics ngaphandle kokuba babe nencwadi kadokotela wezilwane ebagunyazayo.

Uma usebenzisa noma uluphi uhlobo lwemithi yokwelapha, abakhiqizi kumele imithi bayigcine baphinde bayisebenzise njengokwemiyalelo. Ukusebenzisa imithi njengokuba uyalelwe akuqinisekisi nje kuphela ukuthi leyomithi izokusebenza kodwa isiza nasekuvikelwni ukuthi umzimba ugcine usuyinqaba imithi owelapha ngayo. Abalimi kumele basigcine nesikhathi abangavunyelwe ngaso ukuthengisa inyama namaqanda ezinkukhu ezisathola ukwelashwa ukuze bezoqinisekisa ukuthi umkhiqizo wabo ulandela imigomo ebekiwe yaseNingizimi Afrika.

Translated by Nokubonga Guliwe