Uhambo Oluya eRobben Island

Lakuqala Khona Uhambo

©Aaron Polikoff
Ubuchule noheho lwesu lokwakheka kwe Gateway abenziwanga ngaphutha. Ubheke kwistezi samatshe esivulekile bese uhambe eminyango yamagilasi emide, yilapho kanye okusuke uhambo lwakho lwe Robben Island seluqalile.
Phambi kwakho yitafula lemibuzo, elinabantu abonomoya wobumnene ongachazeki abaphendule imibuzo emithathu kaninginingi: Isikebha sisuka njalo emva kwamahora amabili kusuka ngo 9 ekuseni. Kuthatha amahora amane.
Kwesokhohlo yisitolo sezipho, lakhona ongathenga zinhlobo zezinto zase Robben Island. Amabhodlela amanzi aqoshiwe, womasokisi, zikethi, izingcingo zokhiye, amakhalenda, ama diary, zipuni, amaglass, amahembe, amacici, zimaki, amajakethe nokuningi ne Freedom Charter ikhona. Ungathenga ngisho nokhiye uya eRobben Island, okuyinto efanele njengoba yilokho kanye iziboshwa zakuqala ezazikudingela ukhisimusi wazo. Lesitolo sinezincwadi nama video, ngisho namabhuku ezingane.

Ihhovisi Lamathikithi

©Aaron Polikoff
Ihhovisi lamathikithi likwesokunene sakho. Uma ube nobuhlakani obanele ukubhalisa kusenesikhathi, yila ozothola khona ithikithi lakho khona. Kuhlala kumatasa ewindini lamathikithi, ngakho fika kusenesikhathi ukuvikela ingcindezi. Usengathenga futhi ithikithi lakho khona ewindini, kodwa ungazitsheli uzovese ufike ugibele khona manjalo esikebheni sokuqala. Ingxenye yesigidi yabantu abavakashela lesiqhingi njalo ngonyaka, isikebhe sithatha amakhulwana amabalwa abantu. Yingakho abaningi bebhalisa kusenosuku kumbe ezimbili. Ngamaholidi ka December no January kube yimbijana impela ukubhalisa.
Nakuba abantu abaningi baye bacabange ukuthi yisakhwo kuphela othola kuso amathikithi, iGateway iyingxenye yobumqoka yokufunda ngenqolobane-mlandu. Kunembukiso eminingi estezi, nama-video ajulile ngomlandu ongakwazi ukuwathola nge-internet. Izivakashi ezifika zixhamazela e-Gateway zilahlekelwa ngokuningi, ngakho fika kusenesikhathi bese uzipha ithuba uhambe ubuka.
Isakhiwo sinezitezi ezintathu. Okungenwa ngaso, esimaphakathi nendawo, kube negumbi lokubuka ama video. Iqukethe imiyalezo ngamavideo evela kwinqwaba yababeboshwe khona, eRobben Island nakwamanye amajele.

Ithala lomlandu lase Robben Island leMayibuye

©Tracey Derrick
Esitezi esiphezulu, kunezindawo eziningi zombukiso nemiqulu yamavideo ongazicwaningela. Baningi abantu asebeqala ukulibaleka, futhi maningi amagama abaningi esingawazi. Konke okwakhiwe ngayo leliThala lomqulumlandu yizinto eziqoqwe kwikhosomba lomkhusu weMayibuye – eRobben Island, egcinwe enyuvesi yase Ntshonalanga Kapa.
Phansi, kunezithombe ezimbalwa ezimunyu zesiqhingi neziboshwa zaso, namakhabethe aqoqwa. Ekuvuleni lamakhabethe uyothola okuningi okubandakanya izincwadi zeziboshwa, izingubo, izitifikethi zokuzenzela. Isitezi esiphansi siphinde sibe nehholo lemicimbi nemihlangano yezisebenzi (engezwa bethi iba ngenomdlandla, njengoba ifanelekile ngokwenhlangano empande yazo inkululeko).
Uma sewuqedile ukuhamba ubuka usungaqhubekela esitezi esiphansi la uzogibela khona isikebhe. Ukugibela kuba yimizuzu engu 30 phambi kokuba sisuke, sisuka ngesikhathi njalo nje.

Translated by Sbonelo Ngema