Tree Squirrel
Igwejeje

© Shem Compion

Igama

Igwejeje (Paraxerus cepapi)

Ibonakala Kanjani

Ubude balo bungu-350mm kusuka ekhanda kuya emsileni. Igwejeje linesisindo esingu-200g. Uboya balo buhlukana ngokuthi lihlala kuphi. Entshonalanga lapho kome khona ibampunga okukhanyayo ezasempumalanga zona zinsundu.
Ikhanda nezinyawo kunsundu ngokuphuphile, umbala esifubeni ubaphuzi kwezaseMpumalanga kuthi ezaseNtshonala isifuba sibe mhlophe. Izisu zazo zimhlophe. Lezi zilwane zihlezi ziwuphakmisile umsila wazo.

Zidla Nhloboni Yokudla

Zidla izithelo, nezinambuzane. Zisebenzisa izinyawo zangaphambili ukumba ukudla. Zohlukanisa izimpande zezihlahla nembewu okuba nomphumela wokwanda kwezohlahla.

Mayelana Nokuzala

Ezindaweni eziseningizimu zizala ngezinkathi ezahlukene zonyaka. Zikhwelana ngoNcwaba. Bese zizala imidlwane kusukela kowodwa kuya kwemithathu phakathi kukaMfumfu noLwezi. Emuva kokumitha izinsuku ezingu-56. Imidlwane iyafunzwa amaviki ayisithupha okuqala bese ishiya isidleke ukuyozidlela emuva kwezinsuku ezingu-19.

Iindlela Eziphila Ngayo

Lezi zilwane zihlala ezihlahleni kepha zichitha isikhathi esiningi phansi uma zidla. Uma ziphazanyiswa zibalekela phezulu ezihlahleni. Ebusuku imindeni enezindawo ilala yonke emigodini esezihlahleni. Ziqala ukwenza imidlwane uma sezinezinyanga eziyisithupha kuya kweziyisishiyagalolunye lapho zisuke sezikhishwa ngenkani esidlekeni. Ezesilisa izona ezivukela umndeni yize eyesifazane nayo izixosha ezinye uma inakekela imidlwane. Onke amagwejeje akhipha iphunga elilondwa uma efuna ukuxhumana.

Indawo Eziphila Kuzona

Zihlala emahlathini ezihlahla ezhlukahlukene, ithanda izihlahla ezinemigodi okwanele ukuthi ingakwazi ukwakha izidleke, uma engabe ayitholakali lemigodi ezihlahleni imba imigodi eceleni kwezihlahla.

Zitholakala Kuphi

Azandanga kakhulu kodwa uyazithola emahlathini aseNorthwest, Northen Province naseMpumalanga, eSwazini naseMozambique.

Amaphuzu Abalulekile

Igama lesi Latin: Paraxerus cepapi
Isisindo seyesifazane: Ngu-108g kuya ku-265g
Isisindo seyesilisa: Ngu-76g kuya ku-240g
Ubude beyesifazane: Ngu-35cm
Ubude besilisa: Ngu-35cm
Isikhathi sokumitha: Izinyanga ezimbili
Inani elizalwayo: Lizala umdlwane owodwa kuya kwemithathu
Ukwenza imidlwane: Uma selinezinyanga ezilishumi
Isisindo lisazalwa: U-10g
Uhlobo: Rodentia
Umndeni: Sciuridae
Ukuzala: Lizala imidlwane kusuka kowodwa kuya kwemithathu ngonyanka ikakhulukazi phakathi kukaMfumfu kuya kuMbasa. Limitha amasonto ayisishiyagalombili.

Imizila Yezinyawo

Izinyawo zangaphambili zingu-2cm ezangemuva zingu-3cm ubude