Soldierfish

© Johan Boshoff

Igama Elijwayelekile

i-Soldierfish

Igama lesayensi

Myripristinae

Usayizi

Ungafinyelela ku-50cm, ngokujwayelekile kuba wu-18cm

Isakhiwo Sayo

Umzimba ovulekile, osaqanda onamazenga anemibala emibili. Imisila emise okwemfologo. Amehlo amakhulu nekhala elingacijile. Ivamise ukuba bomvu ngokombala ibe nezindawo ezikhanyayo noma amabala amnyama.

Olunye Ulwazi

Umndeni omncanyana we-myripristinae unezizukulwane eziyisishiyagalombili nezinye izinhlobo ezimdibi nawo eziwu-84. Lolu hlobo lungelinye lamalungu omndeni we-squirrelfish. Itholakala kakhulu ezixhotsheni zamadwala ngezikhathi zasemini noma izifihle emifantwini nasemigodini. Izingela kakhulu ebusuku. Ithanda kakhulu izindawo ezifudumele. Izalela emanzini.

Ukudla

Idla izikhuphashe nezilwanyana zasemanzini.

Ukusabalala Kwayo

Itholakala kuzo zonke izindawo ezifudumele emhlabeni.

Uhlobo Oluvamile

Blotcheye soldierfish - Myripristis murdjan
Finspot /Pale soldierfish - Myripristis melanosticta
Yellowfin soldierfish - Myripristis chryseres