Remoras

© Johan Boshoff

Igama

Remoras

Isiteketiso

Suckerfish, sharksucker, gapu

Igama lesayensi

Echeneidae

Ubude

Ejwayelekile ingamasentimitha angama-40, kodwa ingafika nakwangama-90.

Ibonakala ngani

Le nhlanzi inomzimba ozacile osandilinga nekhanda elibacakile. I-fin langaphambili emhlane liyanamathela. Umhlathi ongezansi mude ukwedlula ongaphezulu. Umbala wayo umnyama okuhambisana nemigqa eqondile emhlophe noma ephuzi, esuka ekhanda iya emsileni.

Ulwazi olwejwayelekile

Umndeni wezinhlanzi owaziwa nge-Echeneidae unemikhakha emine nezinhlobo eziyisishiaygalombili. Le nhlanzi ivame ukukotela koshaka, izimfundu, imikhoma, kuma-ray nakuma-bony fish. Isebenzisa i-fin layo elinamathelayo ukubambelela kulezi zilwane.
Kwesinye isikhathi ziyatholakala zinamathel ezikebheni nakubatshuzi. Ikhada lale nhlanzi lenza ibonakale sengathi itshuza ibheke phansi. Idla izilwanywana ezinamathela emizimbeni yalezi zilwane ebambelela kuzo. Uma izalela amaqanda iyawasaphaza olwandle.

Ukudla

Ithola ukudla emzimbeni wesilwane ekotela kuso. Ezinye izinhlobo zidla indle yesilwane enamathela kuso.

Indawo

Itholakala olwandle ezindaweni ezinamazinga okushisa akahle nezinamazinga aphezulu.

Izinhlobo ezejwayelekile

Remora (Remora linnaeus)
Striped remora (Echeneis naucrates)