Meerkat
Ungulungu

© Nigel Dennis

Igama

Ungulungu

Ibonakala Kanjani

Igama lazo lesiBhunu kuthiwa yi-Meerkat elichaza i-Yellow Mongoose noma Ungululu. Leli gama lesiBhunu lisuselwa olimini lwesi-Dashi elichaza ukuthi idla izintuthwane. Ungulungu uvame ukubonakala ume ngezinyawo zangemuva nomsila uqalaza okwenzeka eduze kwawo.
Umzimba walo onsundu unamachashaza abovana eqolo. Amehlo azungezwe umbala omyama. Ungulungu ungu-250mm kuya ku-310mm ubude, umsila wona ungu-200mm kuya ku-240mm. Endala inesisindo esingu-620g kuya ku-960g. Zinomsila omnyama ekungcineni noboya obufishane. Umzimba ngasemuva muncane kunengaphambili. Unekhanda eliyindilinga elikhudlwana nekhala elicijile.

Udla Nhloboni Yokudla

Udla izinambuzane, amagundwane nezinyoka ozibamba ngokushesha njengombani. Owesifazane omithi udla kakhulu kunezinye ukuze uzoba namandla nomdlandla, ukwazi nokuncelisa. Bonke ongulungu badla ukudla okufanayo.

Mayelana Nokuzala

Ongulungu bayashintshana ngokuzala benzela ukuthi kuzale owodwa eqenjini ngesikhathi. Bakwazi ukuzala imidlwane kusuka kowodwa kuya kwemithathu ngonyaka, kepha izinkathi zokuzala ziba ngesikhathi semvula onyakeni. azala ikakhulukazi ngoMasingana kuya kuNdasa. Iqembu lonke lidlala indima ekunakekeleni nokukhulisa imidlwane. Uma iqembu liyofuna ukudla kuba khona owodwa osizayo ukunakekela imidlwane.

Indlela Eziphila Ngayo

Zibanendawo yazo njengeqembu. Iqembu elilodwa libanamalunga ayishumi, isibalo sezesilisa silingane nezesifazane. Zitholakala emni nasebuku, zikhosela emigodini ebusuku noma zisengozini.

Batholakala Kuphi

Batholakala entshonalanga nezwe laseNingizimu Afrika, ezindaweni ezifana no-North West Province, e-Free State ukuya ngase Karoo uze ufike ngase Cape Town. Nangasolwandle i-Atlantic.