uMandela imbali emaqhuzuqhuzu encane emnyama (i-Pimpernel) nguBenjamin Pogrund

© Eric Miller

Intatheli ebika ngepolitiki yabamnyama

Ekumemezeleni kwakhe injongo yakhe yokuhlaphaza usuku imigubo yokubungaza yama-Republics (abombuso bekhethene bodwa) ngo May 1961, uMandela wazidonsela amanzi ngomsele ukuba ahlaselwe ngohulumeni. Kodwa okukqala kwakumele bamuthembe futhi lokhu kwaba ikona okuhamba phambili emaphoyiseni.

Baligudla lonke izwe bemufuna kodwa uMandela waphunyuka kubo wagcinwa esaziwa ‘Njengembali Encane Emaqhuzuqhuzu Emnyama’ eqanjwa ngegama lomlingisi wencwadi i- famous Baroness Orczy. Yize kunjalo akazange azifihle ngokuzishintsha. Wayehlaliswa abalandeli abambe imihlangano ngasese ukuze aqhube umbhidlango wokuhlala ekhaya.

Njengentatheli ebisigxile kwipolitiki yabamnyama, bengikwazi ukumbona uma ngifuna ukumbona, noma inini lapho ayefuna ukukhuluma nami enye intatheli eyayikwazi ukuxhumana naye ngaloluhlobo kwakuyiloyo ongasekho u-Charles Bloomberg we Sunday Times, wagcina elifulathele leli ngoba esaba imiphumela eyayingase imihlele ngemuva kokubhala edalula i-Afrikaner Broederbond kwakuyiqembu elingumkhasaphansi elalilawula uhulumeni wangaleso sikhathi.

uMandela nami sasithumelana imiyalezo uma sasifuna ukuhlangana. Indawo esasijwayele ukuhlangana kuyo kwakuyikhaya elalisezakhiweni zase Fordsburg kumuzi ka Adelaide no Paul Joseph, babengamalunga e-Transvaal Indian Congress.

Noma sasihlangana ebusuku esitaladini esicwebile maduzane nalapho: bengiyaye ngipake endaweni emnyama bese evumbuka. Into nje kuphela ayezifihla ngayo ukuthi wayegqoka izingubo zabasebenzi (ama-ovaroli), nalokho kwakungasizi ukucisha isingqi ayenaso uma eqhamuka. Besihlala emotweni yami sikhulume ngokuthi wayenzani.

Ukuze siqinisekise ukuthi izindaba ziyangena zisakazwe, besihlela ukuthi ngizoba setafuleni lami lasemsebenzini ngo 5 ntambama nsuku zonke. Bekuthi njalo uma kunesidingo, bekungena ucingo bese kukhuluma iphimbo lifunde isitatimende somkhandlu kimi. Bekungakaze kube uMandela, kodwa bekungabanye ababeshaya ucingo futhi ngesinye isikhathi bengilizwa iphimbo lomngani.

Ukuvala Isahluko

Yebo futhi, umlando uthi umbhikisho wahluleka. Ukusabisa kuka Hulumeni nokuqinisa amasongo kwawenza umsebenzi. Ukukhumbula kwami ukuphendula okubili kuka Mandela ngalesosikhathi. Eyokuqala yafika ekuseni ngelanga lesiteleka: iphephandaba i- Rand Daily Mail Yashicilela ukukhipha ngokukhethekile okwakumele kusakazwe ngo 8:00 ekuseni. Isiteleka asibanga impumelelo futhi asihlulekanga ngokuphelele.

Mhlawumbe amaphesenti angu 50 wabasebenzi abaphednula. Kodwa abe The Mail, ekuphuthumeni kwabo bamukela izwi likahulumeni kanye neziphathimandla zikamasipala, lapho bememezela ukuthi isiteleka siye sahluleka sonke. iThe Mail yayithenjwa kakhulu ngabantu abamnyama futhi beyihlonipha kangangokuthi izingqwembe zayo ezasakazwa nesihloko esathulwa zacima lonke ithemba lokuba sasingaphumelela. Ngangihlezi etafuleni lami lokusebenza, ngizwizwela umunyu futhi nginokuthukuthela ngalokho esasikwenzile ngesikhathi uMandela eshaya ucingo. Ngaqala ngangingiza ngixolisa kodwa wangingena emlonyeni wathi uyazi ukuthi bkungesilo iphutha lami.

Ngakhungatheka umusa awawuvela endodeni ebichithe izinyanga ibeka impilo yayo engcupheni ukuze lombhidlango ube yimpumelelo, wanikela edela umndeni wakhe, ikusasa lakhe kodwa nangu akuveli nokuncane ukubamba igqubu kimi noma ukudangala. Ngesikhathi eshaya ucingo futhi ebusuku, ngangisamangaliswe ukushaya kwakhe ucingo. Sasingekho isikhathi sokubuyekeza osekwenzekile noma ukuzungeza kwizehlakalo osopolitiki abavamise ukukwenza.

Kunalokho wathi kumina ngokucacile, Abantu abaphendulanga ngesiteleka sokuhlala ekhaya ngendlela ebesiyilindele ukuba bazokwenza ngayo. Waqhubeka wathi, ‘Asidangali enhlizweni. Lokhu akusikho ukuphela kwendaba...ngemuva kwe hora waphinda washaya olunye ucingo, wayefuna ukuphendula imibuzo engangimufake yona ngakuhlosile ngekusasa lakhe wabe esenginika impendulo yokuthi kulokhu bebezojikela ekuthatheni izibhamu.

Wakhuluma ‘ngokuphothula isahluko’, wabe esethi, ‘Angicabangi ukuthi, lokhu ngizisholo ngokwami ukubona, ukuthi ngizokwazi ukuqhubeka ngikhulume ukuthula nokungabi nodlame uma sibheka izindlela ezisesthenziswa nguhulumeni ukucindezela ukubhikisha kwethu okunokuthula.

Translated by Nokubonga Guliwe

History that Shaped Mandela by Benjamin Pogrund

Ugazi lukaMandela aluvamile ukuvela uma ethula inkulumo ehleliwe....more

Nelson Rolihlahla Mandela by Raymond Louw

Ukuphila kwakhe konke uMongameli Mandela ubelokhu eqeqesha indima yokuhola edlala namhlanje. UNelson URohlahlahlahla Mandela (ngesiXhosa, Ro...more